UMHOLI webandla lakwaShembe uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe ukhulekele ukuthi isifundazwe iKwaZulu-Natal sibe nokuthula kuphele nokubulalana.
UNyazi belukhuleka entabeni iKhenana Ozwathini lapho ibandla belikade livakashelwe ubuholi be-ANC bukazwelonke nesifundazwe izolo.
UMengameli uCyril Ramaphosa naye bekulindeleke ukuthi afike kodwa wagcina engafikanga ngoba kuthiwa indiza yakhe iphazanyiswe yinkungu ebikhasa phansi entabeni.
“Ngiyakhuleka ukuthi isifundazwe sethu sibuswe ngokuthula iphele indaba yokubulalana, ikakhulukazi kosopolitiki,” kusho uNyazi.
Lukhulekele nokuthi kube nokuthula njengoba kuza ukhetho.
Lukhale ngamasela aqola abantu ebandleni lalo.
“Kunabantu lapha abangcolisa igama lebandla abenza izinto ezingalungile bafike bathi bagcwalisa amabhethri amaselula abantu bagcine sebebaleka nawo. Leyo nto ayilungile iyasilimaza siyibandla.”
Lunxuse amalungu ebandla ukuba aziphathe kahle ntabeni. “Noma ngabe kuthiwa uyisoka elinjani kodwa ungahlangani nomuntu wakho ngoba uma wenza lokho uzoyithola induku bese ugijima uya emaphoyiseni. Angikugqugquzeli ukushaywa kwabantu yilabo abagada umuzi kodwa namalungu ebandla awangazenzi izinto ezingalungile,” kusho uNyazi.
USihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ogcine esekhuluma egameni lenhlangano ngemuva kokungafiki kukaRamaphosa, uthe isizathu sokuvakasha kwabo ebandleni wukuthi bazothola izibusiso ikakhulukazi njengoba kubhekwe okhethweni.
“Umbutho kaKhongolose unobudlelwane obuhle nebanda lakwaShembe okungelinye lamabandla amadala elasungulwa ngaphambi kokuthi kusungulwe i-ANC. Umengameli wokuqala wayo, uDkt Langalibalele Dube, ubenobudlelwane obuhle noMqaliwendlela, inkosi Isaiah Shembe.”
Uthe enye into abebezoyicela enkosini wukuthi ikhulekele indaba yokuthi kuphele isihlava sokubulawa kosopolitiki.
Ubuholi be-ANC buhambele intaba engcwele iKhenana oZwathini, buzoqinisa ubudlelwano beqembu nebandla lamaNazaretha. Obambe njengoNdunankulu KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala, umengameli we-ANCWL uNkk Bathabile Dlamini neMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede bebemele ubuholi be-ANC. pic.twitter.com/dqhI1rS9oI
— Isolezwe Newspaper (@IsolezweNews) January 9, 2019