BAZOTHOLA umthobanhliziyo kaR20 000 umuntu ngamunye abasebenzi bakwaFord abebetelekela amabhonasi akhethekile.
Lezi zindaba zivezwe uNobhala Jikelele we-National Union of Metalworkers of South Africa (Numsa), uMnuz Irvin Jim.
Abasebenzi bakwaFord baqale isiteleka ngoJulayi 4 bafuna ukuthi uma inkampani yenze inzuzo nabo bahleshulelwe kuleyo mali njengoba kwenzeka ezikhulwini. Bathe ngeke kwenzeke inzuzo uma bengasebenzi ngokuzikhandla.
Bathe abahambisani nokuthi izikhulu zidle zodwa ekubeni nabo besebenza kanzima.
UJim uthe yize iFord yayithole incwadi evimbela abasebenzi ukuba bateleke, iningi labo lathi alibuyeli emsebenzini izikhalo zabo zingaphenduliwe.
“Besilokhu sixoxa nabakwa-Ford Motor Company of Southern Africa sizama ukuxazulula lolu daba, baphuma nesisombululo sokuthi bazokhokhela abasebenzi uR20 000 umuntu ngamunye ukuze babuyele emsebenzini. Lokhu akusho ukuthi sebezimisele ukucazela abasebenzi inzuzo, kodwa yindlela yabo yokuxoxisana nathi ngendlela efanele,” kusho uJim.
Uthe abasebenzi babuyele emsebenzini ngokugcwele ngoLwesihlanu.
“Yize iFord ithi lokhu akusho ukuthi isicazela abasebenzi inzuzo yayo, kodwa sikholwa wukuthi lesi sinyathelo sibalulekile ekukhumbuzeni izinkampani ukuba zidle nabasebenzi. Lesi simo sizosiza ekunciphiseni igebe elikhulu phakathi kwabacebile nabampofu,” kusho uJim.
IFord Motor Company of Southern Africa ithe isiteleka esiqale ngoJulayi 4 sesixazululiwe ngaphandle kwezihibe.
“Bonke abasebenzi akade betelekile bazobuyela emsebenzi ngoLwesihlanu (12 Julayi) ukuze kuqhubeke ukukhiqizwa kweFord Ranger efemini yethu eseSilverton,” kusho iFord esitatimendeni.