KUNTWELA ezansi ngoxhaso lwezinhlelo zezempilo kuleli ikakhulu zokulwa nokusabalala kweHIV, iTB nezinye izifo njengoba sekunoxhaso oluzodla uR1 billion, lokuthenga imishanguzo yokuthithibalisa iHIV.
Lolu xhaso luvela kwiGlobal Fund, kanti kusewuxhaso lokuqala lokusiza ezinhlelweni zokulwa naleli gciwane, emva kokuba iMelika yahoxisa uxhaso lwayo lwezempilo.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Aaron Motsoaledi ekhuluma nabezindaba eGoli ngezinhlelo zezempilo.
Uthe selokhu iMelika yanqamula uhlelo lwayo lokuxhasa elakuleli ngaphansi kwePepfar ne-USAid, bebelokhu bethembisa abazosiza kodwa kungekho okubambekayo.
"Manje sithole imvume kwiGlobal Fund, ukuthi sithenge ama-ARV abiza uR1 billion. Lolu uxhaso lokuqala oluphathekayo esilutholayo kwezempilo selokhu uMengameli waseMelika, uMnuz Donald Trump, amisa uxhaso kuleli," usho kanje.
Uthe noma lolu xhaso lungasekho, kodwa abadla le mishanguzo bazoqhubeka bayithole emitholampilo noma ezibhedlela.
"Senze izinhlelo nozakwethu ezifundazweni zokuthi kungenzeki kube khona abangayitholi imishanguzo ngenxa yokuthi zivaliwe izindawo lapho bebeyithola khona. Sifuna nokuthi abathatha le mishanguzo bathole eyezinyanga eziyisithupha, ukuze bangezi njalo emitholampilo beyoyifuna," usho kanje.
Ukusho lokhu njengoba ehlangene nozakwabo ezifundazweni ukubhunga ngezempilo.
Ubalule nokuthi kuzokwakheka imisebenzi engu-1 650, njengoba kuzoqashwa odokotela abangu-1 200.
"Sizoqasha abahlengikazi abangu-200, nabanye abasebenzi bezempilo abangu-250. Sifuna ukwehlisa izinga lodokotela abangasebenzi njengoba kuke kwaba nezikhalo."
Usho kanjena nje sebemashe izikhawu eziningi odokotela abangasebenzi kuleli, bekhala ngokungaqashwa.
Lezi zikhala zizodla uR1.78 billion, kanti zizokhangiswa maduzane.
Ubalule nokuthi uhlela ukuthengela izibhedlela ezehlukene izinsiza ezizodla uR1.4 million.
"Ezinye zalezi zinsiza zibandakanya imibhede, omatrasi, amashidi, izinto zokulala nokunye. Asifuni kuphinde kube nesimo lapho izingane zilala emabhokisini."
Ukhale nangezokuphepha ezikhungweni zezempilo, wathi lolu daba bazoluxoxa kabanzi.
"Sikhathazekile ngezehlakalo zokugetshengwa kwabasebenzi bezempilo neziguli ezikhungweni zethu. Mhlawumbe kumele zibhekisiswe kahle izinkampani ezigada ezikhungweni ukuthi ziyahambisana yini nayo yonke imigomo ebekiwe," usho kanje.