UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthe abakhohlwe labo abacabanga ukuthi ukushiya kwezethenjwa eqenjini lakhe kusho ukushabalala kwekusasa lakhe kwezepolitiki.
UMalema uthe ukujikelwa ngabaholi abethembele kubona, ababize ngabafowabo, angeke kumqede amandla.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma enkonzweni ebihlelwe yibandla iSt Paul African Apostolic Church, eSoweto, izolo.
Abaholi abaqavile abasanda kushiya kwi-EFF kukhona kubo owayeyiphini lomholi wenhlangano, uMnuz Floyd Shivambu, owayengusihlalo kazwelonke, u-Advocate Dali Mpofu, bobalili asebejoyine i-MK Party.
Muva nje, kushiye owayekhulumela inhlangano, uDkt Mbuyiseni Ndlozi, omemezele ukuthi usezokuba umsakazi.
UMalema utshele abazalwane ukuthi akuqali ngaye ukuba ajikelwe abafowabo.
“Kukhona naseBhayibhelini lapho kujikelana izingane zandawonye. Nami ngishiywe abafowethu, bangijikela. Selokhu bangishiya, angikaze ngibheke emuva. Asikho isidingo sokuthi ngilokhu ngitetema ngoba le nto ayiqali ngami ukwenzeka.”
UMalema uthe akuqali manje ukuba abantu bathi kuphelile ngaye kwezepolitiki.
“Kukhona ngisho ababhala izincwadi phambilini, bathi kuphelile ngalo mfana. Namanje kukhona abasho lokho. Laba abakhuluma kanje abalwazi ukholo lwami, abawazi amadlozi ami. Umthakathi ongangikhulisanga akasoze aqeda ngami. Umthakathi owayengekho ekukhuleni kwami, ongazange angifundise impilo, akasoze aqeda ngami.”
UMalema uthe uzoqhubeka nokuthatha izinqumo ngokungesabi.
Uthe ngeke aze athuswe ngisho nayizinsongo zomeluleki kaMengameli waseMelika, uDonald Trump, u-Elon Musk.
UMusk usanda kubhala ukuthi bafuna uMalema athathwe njengesigebengu somhlaba, ngoba nakhu emsola ngokugqugquzela ukuba kubulawe amaBhunu.
“Ngingakujabulela ukuba ngithathwe njengesigebengu somhlaba. Phela uMandela, (owayengumengameli wokuqala ngaphansi koMbuso wentando yeningi) naye wayethathwa njengesigebengu somhlaba. Bengingubani ke mina ukungena emlandweni ofana nokaMandela.”
UMalema uthe akusilona iqiniso ukuthi kukhona uhlanga lapha eNingizimu Afrika okunyathelwa amalungelo alo njengoba kusho uTrump.
“Thina lapha eNingizimu Afrika sizihlalele kahle. Inkinga nje esinayo indaba yomhlaba. Nabo abamhlophe ngihlezi ngibatshela ukuthi kuzofanele bakhulule izinhliziyo, banikeze labo abangenawo umhlaba.”