UNGQONGQOSHE wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, uthe kusangenzeka sigcine sihoxisiwe isiphakamiso sokunyuswa kwentela.
UGodongwana uthe ukuhoxiswa kwesiphakamiso sokunyuswa kwentela ngo-0.5%, kuzoncika ekutheni bayayithola yini enye indlela okungatholakala ngayo imali eshodayo esabelwenimali.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, izolo e-Eastern Cape.
IPhalamende lanikeza umnyango kaGodongwana kuze kube sekupheleni kwenyanga ukuba uthole enye indlela okungagwenywa ngayo ukunyuswa kwentela.
Amaqembu ezepolitiki ayaqhubeka nokudonsisana ngodaba lokunyuswa kwentela.
UGodongwana uthe abafuni kubukeke sengathi badaza inkani ngokunyusa intela.
"Asifuni kubukeke sengathi asifuni nokuyizwa eyokuhoxiswa kwesiphakamiso sokunyuswa kwentela ngo-0.5%. Uma ubuka kahle lapha sethule isabelomali esingu-R2.3 trillion. Udaba lokunyuswa kwentela ngo-0.5% sikhuluma ngemali elana koR13 billion walo R2.3 trillion. Iqiniso ukuthi akufanele sibange indaba yemali engaka. Kufanele sibeke phambili izidingo zezwe. Akufanele udaba lokunyuswa kwentela bese luma endleleni yokuphasiswa kwesabelomali sikaR2.3 trillion."
UGodongwana uthe bayaqhubeka nokucubungula iziphakamiso zokuba inganyuswa intela.
"IPhalamende lacela ukuba amaqembu ezepolitiki anikezwe izinsuku ezingu-30 ukuba aqhamuke neziphakamiso zokuthi yiziphi ezinye izindlela okungatholakala ngazo imali eshodayo. Njengamanje silinde iPhalamende ukuba lisitshele ukuthi kufanele siziphendule ndlelani lezi ziphakamiso."
UGodongwana uthe nakuba kukhona iziphakamiso ezinhle abazitholile, kodwa lezi ziphakamiso aziyelaphi inkinga ababhekene nayo manje.
"Zinhle kakhulu ezinye iziphakamiso esizitholile kodwa inkinga wukuthi izinto abaziphakamisayo akuzona izinto ezingenzeka manje ngokushesha, kuzothatha isikhathi ukuthi zenzeke.
Ihlandla lesibili lokuvotelwa kwesabelomali lingoMeyi 6, lapho kuzobe kuvotelwa ukuthi iminyango kazwelonke, eyezifundazwe kanye nomasipala bazocazelwa malini.
Ihlandla lokugcina lokuvotelwa kwesabelomali lingoJuni.
Ngesikhathi kunehlandla lokuqala lokuvotelwa kwesabelomali aba ngu-194 amalungu ePhalamende avotela ukuba siphasiswe, kwathi angu-182 avotela ukuba sichithwe.
Kula maqembu avotela ukuba kuphasiswe isabelomali, kukhona namalungu e-ActionSA ayisithupha, leli qembu labeka umbandela wokuthi kuhoxiswe isiphakamiso sokunyuswa kwentela ngesikhathi livuma ukuvotela ukuphasiswa kwesabelomali.
UGodongwana uthe akanalo itwetwe lokuthi isabelomali sizogcina singaphasanga.
"Ngidedele igazi. Uhlelo lokuphasiswa kwesabelomali lwenzeka ngendlela. Akukho okufihliwe, yonke into isobala."