USEMKHANKASWENI wokulwa nokunciphisa izingozi zasemgwaqweni uMasipala waKwaDukuza. Lokhu kudalulwe yiMeya yakulo masipala, uMnuz Ali Ngidi, ngesikhathi benesivimbamgwaqo ebebesenze eMvoti Tall Plaza. Kuzokhumbuleka phela ukuthi seziziningi izingozi ezinyantisa igazi osekuke kwabikwa ngazo ezenzeka phakathi naKwaDukuza naseMandeni.
Muva nje, kube nesibhicongo lapho okugingqike khona ibhasi elalithwele amalungu ebandla labaPhostoli. Kulesi sivimbamgwaqo, uNgidi ubekade ephelezelwa yiPhini lakhe, uMnuz Njabulo Cele, yiMeya yaseMandeni, uMnuz Thabani Mdlalose neMeya yesiFunda iLembe, uMnuz Thobani Shandu.
UNgidi uthe bafuqa umbhidlango wokuhlolwa kwezimoto ezihamba kulo mgwaqo ukuthi zisesimweni esikahle yini ukuba zingahamba emgwaqweni. Ngalokhu abakwenzayo, uthe yingoba bahlose kakhulu ukubeka eqhulwini ukuphepha kwabagibeli abasebenzisa lo mgwaqo. Ugcizelele kakhulu ukuthi kabazidingi nje nhlobo emgwaqweni izimoto ezingekho sesimweni esamukelekile nalezo ezingagunyaziwe ukuthi zingaba semgaqweni.
''Sifuna ukwenza konke okusemandleni ethu ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ziyehla izibalo zezingozi ezenzeka kulo mgwaqo. Sifuna ukuyisukumela indaba yezingozi zomgwaqo,'' usho kanjena.
Uveze ukuthi lesi sivimbamgwaqo singesesibili, kukhona esinye abasanda kusenza eMandeni, wathi bafuna nokusabela kwikhwelo lokuphepha emgwaqweni elihlatshwe nguMphathiswa wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Sibomiso Duma. Abagibeli ebebehamba ngezimoto ebezidlula lapha bakuthakasele kakhulu ukuqinisekiswa kwezokuphepha kulo mgwaqo. Omunye wabagibeli obelibhekise ekhaya eNkandla, uMnuz Bongumenzi Dlamini, uthe bajabule kakhulu ukubona ezokuphepha ziqine ngale ndlela emgwaqweni.
"Lokhu kubuyisa ithemba elikhulu nakithina njengabagibeli ukubona kuqashwe ngale ndlela emgwaqweni esiwusebenzisayo,'' usho kanjena.