UKUQONDA izinselelo ezibhekana nabasebenzi abakhubazekile nokushisekela ukuthi kube nokulingana kubo bonke abasebenzi, uMasipala weTheku usunikele ngezimoto ezizosiza ukuthi lezi zisebenzi zikwazi ukusebenza ngokukhululeka nangendlela efana neyezinye.
Lolu hlelo lwalezi zimoto olubize uR1. 3 milion lwethulwe ngoLwesine, okwenziwe ngenhloso yokuqhakambisa amalungelo abantu nokulingana ebantiwni, ikakhulu ngoba izolo bekugujwa usuku lwamalungelo abantu lwaminyaka yonke iHuman Rights Day, obekungokwesi-65 lugujwa nonyaka, kusukela liqala ukugujwa ngo-1965.
Akuphelelanga ezimotweni kuphela, njengoba khona futhi kulolu hlelo - uMasipala wethule nezihlalo ezihamba ngamasondo ezizosetshenziswa yilaba basebenzi, nezinye ezilungele ukusetshenziswa ngabasebeni besifazane abakhulelwe uma kunezimo eziphuthumayo.
Usihlalo wekomidi elibhekele ukuphatha nokuhola abantu iKhansela Nkosenhle Madlala uthe lolu hlelo lukhombisa ukuzibophezela koMasipala ukuqinisekisa ukuthi izindawo zokusebenza ziba sesimweni esihle, nesibeka eqhulwini wonke umsebenzi nesimo sakhe.
“Kuyaqala ukuthi kube nohlelo olunjena emlandweni wezwe lethu lapho kwenziwa into enhle nenkulu kangaka eqondene nabasebenzi abakhubazekile, ngakho siziqhenya kakhulu ngakho futhi siyakuqonda nokuthi kuningi okunye okuhle okusadinga ukwenziwa,” kusho ikhansela uMadlala.
Okwamanje uMasipala unabasebenzi abawu-276 abakhubazekile. Omunye walabo basebenzi uMnuz Simon Zwane uthe lolu hlelo luyisinyathelo esikhulu nesihle kakhulu futhi esizobasiza beyisebenzi ezizidingayo ukuqhuba nokuphuthumisa umsebenzi.
“Lesi sinyathelo soMasipala sikhombisa ukukhula nokuya phambili futhi sikhombisa ukuzibophezela kwawo ukubeka wonke umuntu eqhulwini ngokwehlukana kwezigaba zethu nezimo zokuphila kwethu. Lokhu kuzokwenza umehluko omkhulu ukuqhakambisa ukulingana endaweni yokusebenza, futhi kuzokwenza ukuthi abasebenzi abakhubazekile njengami bakwazi ukufinyelela ezindaweni ezahlukene kalula,” kusho uZwane.