UNOBHALA Jikelele weMK, uMnuz Floyd Shivambu, ubabize ngamavaka labo abathi abanelisekile ngobuholi bakhe futhi kalukho ubumbano ebaholini beqembu.
UShivambu uthe abathi abanelisekile ngaye - bayiminqolo ngoba abanye abaholi beqembu abakaze bayithi vu leyo ndaba ezinhlakeni zeMK.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngaphambi kokuqala komhlangano wesigungu esiphezulu seqembu oseThekwini.
Kukhona abaholi beqembu abangamamukeli uShivambu njengoNobhala Jikelele waleli qembu eliholwa owayengumengameli, uJacob Zuma.
Indodakazi kaZuma, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla, yachapha uShivambu ngenhlamba embhalweni eyawufaka ezinkundleni zokuxhumana.
UNkk Zuma-Sambudla wabuye waxolisa, kanti uhamba isigcawu sokuqondiswa ubugwegwe. Iningi lamalungu eMK esiShayamthetho saKwaZulu-Natal liyaphikisana nokuqokwa kukaShivambu.
UShivambu uthe indaba yokuthi kukhona abanganelisekile ngaye noma abanye abaholi beqembu ikhulunywa amagwala angafuni ukuvela obala.
"Akekho umuntu oke wafika emhlanganweni weMK wafika wazwakalisa ukungenami ngobuholi beMK. Akekho umuntu oke wafika kulo mhlangano, noma kumuphi omunye umhlangano weMK, wafike wathi angijabule ngosihlalo, iphini likanobhala noma unobhala jikelele. La bantu abasho lento amavaka nje acashile, angakaze asho lutho emihlanganweni yeMK."
UShivambu uthe ngokwazi kwakhe alukho uqhekeko kwiMK.
"Sikhuluma ngezwi elilodwa. Sonke sibambisene embhidlangweni wokukhulisa inhlangano. Kuzokwenzeka phela ngoba siyinhlangano ekhulayo ukuthi kokunye kube khona ukuhlukana kwemibono. Kungenzeka kube khona ukushayisana kwemibono kodwa lokho kuyokube kungasho ukuthi kunoqhekeko."
UShivambu uthe akumkhathazi nakancane ukuthi kube khona amahlebezi okuthi kukhona abangajabule ngobuholi beqembu.
"Njengoba ngishilo akukho noyedwa umuntu oseke wafika emhlanganweni weMK, wathi akaneme ngokuthile. Ingakho ngithi angeke sizikhathaze ngala mahlebezi. Eqinisweni uma kukhona abantu abanganeme, sizimisele ukubanika ithuba lokuthi basho lokho okubakhathazayo."
UShivambu uthe ujabule ngendlela iqembu eliqhubeka ngayo nokwenza kahle KwaZulu-Natal.
I-MK isanda kunqoba ukhetho lokuchibiyela KwaZulu-Natal obelukuMasipala waseRichmond.
Ikhansela leMK elisha kulo mkhandlu, uMnuz Msizi Dlamini, lifungiswe ngokusemthethweni izolo.
UShivambu uthe bafuna ukuqhubeka nomgqigqo wabo okhethweni lokuchibiyela oluzoba KwaZulu-Natal komasipala ababili, ngesonto elizayo.
Ukhetho luzokuba kuMasipala waKwaDukuza nakowasoPhongolo.
UShivambu uthe bafuna ukunqoba kulo lonke ukhetho.