AKUTHANGA diki kuSphamandla Dhlomo (25) obethweswe uMbuso amacala angu-9 okubulala abangu-9 eMlaza esigamekweni esenzeka ngo-Agasti 11, 2023, ngesikhathi elahlwa yinkantolo ngawo wonke amacala.
UDlomo ubethweswe amacala awu-13; kuwona okukhona awokubulala abantu abayisishiyagalolunye, amabili okuzama ukubulala, elokugqekeza nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.
Utheswe amacala okubulala okuhleliwe oMlungisi Zuma, Phakamani Sibusiso Dlamini, Maxwell Sibisi, Regional Bongimpilo Ngema, Thabani Ngcobo, Mhlengi Khathi, Ayabongwa Mbayise, Sifundo Sibusiso Dlamini noSifiso Cele.
Izolo iNkantolo eNkulu yaseThekwini imthole enecala lokubulala bonke abafi yaphinde yamthola enecala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nelokugqekeza.
Ezinkundleni zokuxhumana uDhlomo ubaziwa ngelikaThayela Kunomoyamshikashika. Ngesikhathi iJaji u-Esther Johanna Steyn limlahla ngecala ubebonakala engenandaba uDhlomo futhi wangakhombisa nokukhathazeka okanye ukuzisola.
Ubefake ijakhethi abeyifake nangoLwesibili, ulahlwa yicala nje owayengummangalelwa wesibili kuleli cala, uMnuz Zimisele Ngcongo, kuvele ukuthi wendela koyisemkhulu ngoJanuwari ngonyaka odlule.
Okuqaphelekile izolo enkantolo ukuthi beziqinile kakhulu ezokuphepha. Bekugcwele amaphoyisa abefake umfaniswano nabengawufakile. Kubonakale kungena nomunye wesilisa obephethe isikhwama esikhulu egaxe isibhamu esikhulu.
Umthombo wangaphakathi upotshozele Isolezwe ukuthi lokhu bekumayelana nejaji elizwakalise ukuthi lizizwa lingaphephile kuleli cala. Kwenzeka lokhu nje, kuke kwavela ukuthi uDhlomo ubesebenzela umuntu ohweba ngezidakamizwa owaziwayo eMlaza. Kuthiwa nguye okhokhela izindleko zabameli ecaleni.
Ijaji limlahle ngecala uDhlomo lisebenzisa ubufakazi obehlukene obethulwa phambilini ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwecala.
Liqale ngobufakazi obethulwa nguMnuz Phiwayinkosi Sibisi owayeyilungu lesigungu esilwa nobugebengu nowakhala mi izinyembezi ngesikhathi ethula ubufakazi bakhe kuleli cala. Ngesikhathi ethula ubufakazi bakhe uSibisi wayebonakala egqolozela ummangalelwa kube sengathi ufisa ukumbamba ngezandla, ekhala aze abheke phezulu azesule ngethawula izinyembezi. Abuye aphuze namanzi ayewabeke eduze kwakhe.
Lithe ligculisekile ngobufakazi bukaSibisi ngoba bebungashayisani.
Lithe liyabuchitha ubufakazi bukaDhlomo ngoba wayehubhuza amanga ezama ukwakha amaqhinga okuthi angaphunyuka kanjani kuleli cala.
"Konke owawukusho kwakungamanga kodwa wawukusho ngoba wawuzicabangela wena nje qha,'' ijaji likhuluma libhekise kuyena ngqo.
Limchaze njengomuntu onamaqhinga kakhalulu abhedayo likhala ngokuthi ukhuluma okunye namhlanje kusasa asho okunye.
"Wena wathi umfowenu uSakhile wabulawa ngabantu abangaziwa ngesikhathi kusaqhutshwa isicelo sebheyili. Kodwa gwiqiqi uma sekuqulwa icala sewukhomba uSibisi ngenjumbane uthi uyena owabulala uSakhile,'' lisho kanjena.
"Inkantolo iyakulahla ngawo wonke amacala obubhekene nawo,'' kusho ijaji. UDhlomo uqhubekile nokubheka phansi kwaba sengathi akezwanga ukuthi lithini ijaji.
Lincome uMbuso lathi uyivezele inkantolo ukuthi ngempela uDhlomo wayekhona endaweni yesigameko.
Kuzokhumbuleka ukuthi uDhlomo wawaphika wonke amacala, wathi kusezandleni zoMbuso ukuthi ulethe ubufakazi obuphathekayo bokuthi uyena owabulala abantu.
Ijaji likhe phezulu nasebufakazini bukaConstable Kyle Chetty osebenza esiteshini samaphoyisa saseMlaza, echaza ukuthi uyena nomunye uzakwabo abafika kuqala endaweni yesigameko.
Phambilini kwake kwaphazamiseka ukuqulwa kwecala ngesikhathi uDhlomo ehlaselwa ukugula okungaqondakali waze waphuthunyiswa esibhedlela esingaphakathi ejele eWestville. Ngaphakathi enkantolo bekukhona abesilisa abayishumi ebebezokweseka uDhlomo bebelokhu bekhuluma naye, kodwa ubebaphendula ngezandla samuntu ongathandi ukukhuluma.
NgoMsombuluko iJaji lithe lizowisa isigwebo sakhe.