AMEHLO athe njo ePhalamende namhlanje njengoba kubhekwe eyokuphasiswa noma eyokuchithwa kwesabelomali esethulwe ngenyanga edlule nguNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, esingendaba egudwini yokunyuswa kwentela efakwa uma kuthengwa impahla iVAT.
I-DA izolo iyichithile eyokunyuswa kweVAT njengokwesiphakamiso sikaGodongwana ngo-0.5% kusuka ngoMeyi 1, 2025, kanti i-ANC ithe sizophasiswa lesi sabelo uma sekuhleli iPhalamende namhlanje.
Emhlanganweni wayizolo wamakomiti ezeziMali ePhalamende, ibhungwe kabanzi eyalesi sabelomali ngamalungu amaqembu ahlukene njengoba iva ebelibangulwa bekuyindaba yokunyuswa kweVAT.
Amaqembu bekumele aqhamuke namanye amasu angasetshenziswa uma kunganyuswa iVAT ngenxa yokuthi isabelomali singaphansi kwengcindezi. Izwe lidinga imali ukuze likwazi ukuhlangabezana nezidingo eziningi ezifaka ezemfundo, ezempilo, isikweletu sezwe nezinye izidingo ezidinga ukuxhaswa.
UDkt Mark Burke okhulumela iDA kwezeziMali, ekhuluma emhlanganweni wasePhalamende, uthe bayasichitha isabelomali esinyusa iVAT ngo-0.5%, wathi abahambisani nokunyuswa kweVAT ngoba kuzoshaya abantu abahlwempu.
"Asifuni kube nokunyuswa kweVAT. Abantu abantulayo ibona abazoshayeka kakhulu ngokunyuswa kweVAT," usho kanje.
Ekhuluma nabezindaba izolo ekuseni, uSotswebhu we-ANC uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe ngeke bashintshe izinto eziningi ebezifunwa yiDA ngoba bencenge ukuthi kuphasiswe isabelomali.
Uthe baxoxa namaqembu ahlukene, amaningi awo avumile futhi ayahambisana nokunyuswa kweVAT.
"Besingeke sivume ukuthi kuqedwe nge-NYDA, kunikwe amandla amaningi uhulumeni waseWestern Cape ngoba uphethwe yi-DA siphinde sibuyekeze imithetho efana neyomshwalense wezempilo i-NHI nomthetho wokubuyiswa komhlaba. Uma iDA igcina ingasivotelanga isabelomali, kusho ukuthi kumele iphume kuhulumeni wokubambisana kwamaqembu ngoba ngeke ikwazi ukusebenza ngesabelo engahambisani naso," kusho uNtuli.
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe abahambisani nokwenziwa yiDA ezama ukuzuza amaphuzu ezepolitiki, wathi uma iqhubeka kanje kuyogcina ngokuthi babuyekeze uhulumeni wokubambisana.
"Akuyona kuphela i-ANC neDA ekuhulumeni wokubambisana kodwa kunamanye amaqembu. Sixoxa nawo kanti sinethemba lokuthi sizophasiswa isabelomali kusasa ePhalamende," kusho uMbalula.
Amaqembu ahlukene afuna ukuthi kuqhanyukwe nezinye izindlela zokuthola imali kunokuthi kunyuswe iVAT.
UMbalula uthe ukunyuswa kweVAT akuzoba yinto nangunaphakade kodwa izobuyekezwa uma isimo somnotho siba ngcono.
UMnuz Brian Molefe weMK, uthe abantu abahambisani nokunyuswa kweVAT kuleli.