KUBUKEKA isekude ukuphela eyokukhishwa phambili emacaleni ehlukene kukaMfu Thimothy Omotoso (66) ongowaseNigeria ngokudabuka.Abekade ethwese nabo amacala nguLusanda Sulani (41) kanye noZukiswa Sitho (33).
Bese kuphele iminyaka engu-8 besejele. Bebebhekene namacala ehlukene alinganiselwa ku-32, kufaka phakathi awokudlwengula, ukushushumbisa abantu kanye nawokuwaka.Laba babekade bekhalelwe ngamaSongo kaSigonyela ngo-Ephreli 2017.
Baningi esebezwakalise ukungagculiseki nongenami kwabo ngesinqumo seJaji u-Irma Schoeman asethule kuthangi eNkantolo eNkulu yaseGqheberha, e-Eastern Cape.Ethuba isinqumo sakhe uSchoeman ubuyekeze bonke ubufakazi obethulelwa inkantolo ngaphambilini. Wase ekhomba ngenjumbane uMbuso wathi wehluleke wencama ukuvezela inkantolo ngokusobala ukuthi abasolwa banecala ngampela futhi kumele libalahle.
USchoeman wenzele ngokuthi ubufakazi obebethulwa yizisulu abuzange buphoselwe ngendlela efanele inselelo ngesikhathi sokuphicana ngokwemibuzo.Ngemuva kwalesi sinqumo ibe ningi imvunge kubantu abehlukene bekhala ngokuvunwa yinkantolo kuka-OMotoso nabeboshwe nabo.
Nezisulu zizwakalise ukungagculiseki ngesinqumo seJaji. Omunye wazo uCherly Zondi uzwakalise ukungenami ngesinqumo seNkantolo.Kuzokhumbuleka ukuthi uNksz Zondi waba ngomunye wofakazi abagqama kakhulu ngesikhathi kuqulwa leli cala.Ukhale ngokuthi wenze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi kwenzeka ubulungiswa kodwa uthe ujabhile ukuthi bekufana nokuthi umane uthela amanzi emhlane wedada nje.Uthe uzizwa ephoxekile, ecasukile ngoba kuyona yonke le minyaka engu-8 kukhulunywa ngaleli cala ubezitshela ukuthi ubulungiswa uzobuthola.
Uthe impilo yabo angeke iphinde ifane ngemuva kwaleli cala."Sakhetha ukuthi siphumele obala ngalokhu sakhohlwa nayisithunzi sethu. Kwala noma sesibizwa ngamagama kodwa saphikelela,''usho kanjena.Eqhuba uthe : "Okubuhlungu ukuthi usazoqhubeka nalento ayenze nakwabanye besifazane okuyinto ebesithi sizama ukuyinqanda. Besifuna ukuthi lento ayenzile igcine ngathi.
Angeke ayiyeke ngoba lento ayenzayo isemzweni yakhe yegazi,''ekhuluma ekhala.Ungqongqoshe wezoBulungiswa eNingizimu Afrika Mmamoloko Kubayi uphumele obala wezwakalisa ukungagculiseki ngendlela elisingathwe ngakhona icala lika-Omotoso.Uthe akakholwa nje nhlobo ukuthi izinto kuleli cala zihanjiswe ngendlela obekumele ngabe zenziwe ngakhona. Ukhale ngokuthi izinqumo zalolu hlobo zizoqeda amandla nakuzisilu zokuhlukunyezwa zizizwe zingavikelekile.
Uthe usecele oyiNhloko yabaShushisi kuzwelonke ukuba amdlulisele umbiko ogcwele ngokwenzekile kuleli cala.UPhiko lwezokuShushiswa iNational Prosecuting Authority (NPA) nalo lukhale kakhulu ngalesi sinqumo lwathi luzosiphosela inselelo isinqumo sale nkantolo.Kuphuma lesi sinqumo nje kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambilini kukhona abanye ofakazi abathi bakhethe ukuthi bakhohlwe okwezeka ebese beqhubekela phambili nempilo.Ngakolunye uhlangothi u-Omotoso ubonge uNkulunkulu ngokuphunyuka kwakhe."Into nje engingayisho ukuthi ngiyambonga kakhulu uNkulunkulu. Lonke udumo ngilunikeza lona. Ngineminyaka engu-67 manje bese ngibe sejele iminyaka engu-8,'' usho kanjena.
U-Omotoso wayengumholi webandla iJesus Dominion International (JDI) ayeboshwe nabo ngaleso sikhathi babengabalekeleli bakhe.Leli bandla linamagatsha amakhulu eNingizimu Afrika, eNigeria kanye nakwa-Isryel.