OSAZIWAYO bakuleli bathi udaba lukaCwecwe lubathunuka amanxeba asabhibha.
Kuleli sonto udaba lukaCwecwe lubange isiyaluyalu eNingizimu Afrika yonke emva kokuthi kuvele ukuthi umntwana udlwengulwe esikoleni onyakeni odlule. Akukho ubulungiswa osebenzekile.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana bakhe umgqigqo ongu-#JusticeforCwecwe
Owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, uthe lumkhumbuze ukudlwengulwa kuphindelelwa kwendodakazi yakhe eneminyaka eyisikhombisa.
UNgizwe uthe uyalwazi udaba olunjengalolu kodwa lubucayi futhi lumzwisa ubuhlungu ngoba wenzelwa phansi wuMnyango wezobuLungiswa.
"Nginomntwana owanukubezwa ngo-2019 nango-2020 eneminyaka eyisikhombisa, enukubezwa ngu...(emgagula ngegama) laphaya eSikhawini, ngumuntu ongumfumbesi ngokosiko lwakithi, okusho ukuthi uganwe wudadewabo kamakoti wami."
UNgizwe uthe walandela yonke imigudu efanele, icala lathethwa iminyaka engaphezu kwemithathu kodwa inkantolo yathi kalikho icala. "(Ngakho) angikwazi ukungathinteki ngalolu daba." Uthe uzozifikela mathupha uma sekuthethwa icala likaCwecwe.
Nomlingisi wemidlalo yethelevishini, u-Amanda du Pont, naye uthe wenzelwa phansi ngumthetho ngesikhathi ebika udaba lokudlwengulwa kwakhe. Ngo-2021, u-Amanda wadalula ukuthi wadlwengulwa futhi wahlukunyezwa wumrepha ongumethuli wezinhlelo kuMoja Love, uJub Jub eminyakeni eyedlule.
Umlingisi oqavile, uNksz Brenda Ngxoli, uthe udaba lukaCwecwe lumnikeze amandla okuphumela obala ngokuhlukumezwa adlula kukho ezandleni zikababa wengane yakhe.
Khonamanjalo: Mkhulu umsindo emva kokuthi uMfundisi Timothy Omotoso ephunyuke emacaleni awu-32 akade ebhekene nawo. Omunye womgilwa, uNksz Cheryl Zondi, ubekhihla isililo emva kwesinqumo ethi okumhlupha kakhulu ngalesi sinqumo ukuthi njengoba engeke agwetshe baningi abantu besifazane abangazithola esimweni sakhe.