AKAKHOLWANGA umsakazi woKhozi FM, uPhindile "Phindi P" Phewa, ekhala emuka nomklomelo wokuba owesifazane oyingqungqulu eshaya amaphiko emculweni wase-Afrika namaphethelo.
UPhindi, osesakaza uhlelo oluthi Ebukhoneni ngeSonto kanye noluthi Ulibo Lokuqala, udle umhlanganiso emunxeni weBest African Female Musician of the Year kumaLadies In Media Awards eGhana ngeSonto.
"Inhliziyo yami isuthi... Ukubungazwa ezwenikazi jikelele ngokwenza into oyithandayo kungaphezu kokuthobeka. Enye ingqophamlando. Esinye isibusiso."
UPhindi P uhlule uZoe Modiga wakuleli, Alyn Saro noTracy Agasaro baseRwanda, Ralycia waseTogo noZee CCute waseTanzania.
Bekungekhona okokuqala uPhindi evelela emazweni angaphandle. Nyakenye wahlabana ngomklomelo we-African Inspirational Gospel Artist eNigeria.
Waphinde waqwaqwada abaculi basemhlabeni jikelele emunxeni we-International Female Soloist of the Year kumaTexas Gospel Music Excellence Awards ayeseHouston Hobby Marriott Hotel, e-USA, lapho aqumba khona phansi uJoyce Ochelle (UK), Mary Ozaraga (Philippines), Kristojay Paul (Barbados), Mama Tee (Canada), Julia Vidoriz (Brazil), Kareema Al-Shabazz (Trinidad), Fummi Orisie (UK), Evelyn Brandford (USA), Sista Richness (USA), Sis Izzy Thomas (USA) nabanye. .
"Manje sekuyilo mklomelo! Imizuzu efuze lena engikhumbuza ukuthi uNkulunkulu uthembeke kangakanani. Kusukela ngiseyintombazanyana yaseZinqoleni kuze kufike esigabeni engikuso sengikhonya e-Afrika. Ngingathi uNkulunkulu ubemuhle."
UPhindi ube esethulela isigqoko umndeni wakhe, ithimba asebenzisana nalo nawo wonke umuntu okholelwa kuye.
"Ngiyabonga ngenhliziyo yami yonke."
Uthe kunjenje uthando nemithandazo yabo okuyiyo ebimkhuthaza nsuku zonke.
Nakuleli uPhindi akazibekile phansi njengoba eseke wahlabana amahlandla amabili kumaSABC Crown Gospel Awards ngokuba wumculi nangokuba wumsakazi ovelele ngesikhathi esasakazela isiteshi somphakathi, iHighway Radio.
Nyakenye ubuye wahlabana ngendondo kuma-10th Mpumalanga Gospel Music Awards, emunxeni weBest Gospel Radio Show (kuzwelonke).
Kwenzeka konke lokhu nje uPhindi uzoqopha i-albhamu yakhe entsha esihloko sithi Grace Notes ePlayhouse Opera Theatre, eThekwini ngoMeyi 30.
*Khonamanjalo obengumlingisi womdlalo wethelevishini, uMkhokha The Curse, u-Alizwa Skhafungana, uphumelele emunxeni we-African Female Content Creator kumaLadies In Media Awards khona eGhana.