UKHALE wazithulisa uMengameli Cyril Ramaphosa, emva kwesibhaxu sakamumva esivulelwe uMengameli waseMelika, uMnuz Donald Trump.
URamaphosa uthe isinqumo sakamumva sikaTrump sokujezisa iNingizimu Afrika sikhombisa ukuthi kusemqoka kangakanani ukuthi kusheshiswe izingxoxo zokubuyisana phakathi kwala mazwe.
UTrump umemezele intela ka-30% ezokhokhwa yizinkampani zakuleli ezidayisa impahla yazo eMelika.
Enza lesi simemezelo, uTrump uthe kunezinto ezimbi ezenzeka eNingizimu Afrika.
Okhulumela uRamaphosa, uMnuz Vincent Magwenya, uthe isinqumo sikaTrump sizoshaya kuzwele kosomabhizinisi bakuleli abadayisa impahla yabo eMelika.
UMagwenya uthe okubakhathaza kakhulu ukuthi akuzange kube nezingxoxo ngaphambi kokuthi iMelika ithathe isinqumo.
"Thina sizibophezele ekugcineni ubudlelwano obuhlomulisa womabili amazwe, kodwa lena yokujesiza iNingizimu Afrika izophazamisa ukuhwebelana kwethu."
Kusukela uTrump engenile esikhundleni ubudlelwano beNingizimu Afrika neMelika abubuhle. Amanzi adungeke kakhulu emva kokusayinwa komthetho wokuthathwa komhlaba nempahla wuhulumeni ngaphandle kwesinxephezelo.
UTrump wasola elakuleli ngokuphuca amaBhunu umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.
Kwalandela ngokuthi uTrump ahoxise uxhaso lwezigidi zamarandi olutholwa yiNingizimu Afrika ezenhlelweni zezempilo.
Imizamo yakuleli yokuba nezingxoxo noTrump ibhajiwe njengoba kuthiwa izikhulu zaseMelika kazifuni ukuhlangana nabaholi bakuleli.
UMagwenya uthe izingxoxo kuphela ezizoqeda ukungaboni ngaso linye kwala mazwe.
"Empeleni nje lesi sinqumo sikhombisa ngokusobala ukuthi kufanele kusheshiswe izingxoxo ukuze sizokuba nesivumelwano sokusebenzisana esisha. Isivumelwano sokusebenzisana esisha kufanele sivune womabili amazwe."
Akuyona iNingizimu Afrika kuphela ethole isijeziso kuTrump.
UTrump umemezele intela ezofakwa empahleni eqhamuka emazweni angu-30.
Kula mazwe kukhona izikhondlakhondla zase-Europe, kube khona iChina namanye amazwe asezwenikazi i-Afrika.
Izwe lase-Afrika elishayeke kakhulu yiLesotho, lapho ememezele intela ka-50%.
Amanye amazwe ase-Afrika athole intela ephezulu iMadagascar ethole u-47%, iMauritius inikwe eka-40%, kwathi iBotswana yona yanikwa intela ka-37%.
Amazwe ase-Europe neChina ayalele uTrump ukuba ahoxise intela, asabisa ngokuziphindisela uma ingahoxiswa le ntela egxekwe nxa zonke.