UZONIKELA ngengxenye yemali emphakathini waseNquthu, lapho eqhamuka khona u-Akhonamathemba Mbhele, odume ngelikaSweet Guluva njengoba ethi leli dolobha lisadinga okukhulu ukuthuthukiswa.
Ukusho lokhu ehlangene nabezindaba eBrown Sugar, eMhlanga ngeSonto ntambama.
USweet Guluva ukhale wemuka nemali enguR2 million, emncintiswaneni iBig Brother Mzansi.
Kulezi zinsuku useThekwini uhambela imisakazo, amaphephandaba nezindawo zobumnandi ukuhlangana nabalandeli bakhe nokuxoxa ngohambo lwakhe esendlini kaBig Brother.
Ekhuluma neSolezwe uveze ukuthi usekulinde ngabomvu ukuhlangana nabantu baseNquthu, njengoba kulindeleke ukuthi amukelwe okokuqala edolobheni langakubo selokhu adla umhlanganiso.
“Ngimema bonke abantu ukuthi baphelele eNquthu ngalolu suku, sizojabula sonke. Ngiyabonga kuwona wonke umuntu namanje ngisahluleka ukuchaza indlela engizizwa ngayo. Kodwa engingakusho ukuthi ingxenye yemali kwengizoyithola kukhona engizokwenza ngayo ukubuyisela emphakathini waseNquthu. Idolobha elincane leli engifisa ukuthi lithuthuke kakhulu. Kodwa yize abantu sebengazi mina akukho engingakwenza ukulibeka ezingeni engifisa libe kulo, ukuthi nje izikhulu zisukume sisebenzisane ukulisa phambili,” kuchaza uSweet Guluva.
Uveze ukuthi okunye azimisele ukukwenza ukungena emculweni nasekulingiseni njengoba ithuba uma lingaqhamuka manje engalibamba ngazo zombili.
“Umculo wehip-hop iwona engiwuthanda kakhulu, ngakho uma kungaqhamuka noma ubani athi asisebenze ngeke lelo thuba ngiliyeke. Nasekulingiseni futhi ngizimisele ukungena manje nakhona sengikulungele,” kuchaza yena.
NgoMgqibelo kulindeleke ukuthi kume yonke into uma kutheleka uSweet Guluva, njengoba kuzoba nohambo oluzoqala edolobheni oluyophelela enkundleni yezemidlalo iNquthu Stadium.
IMeya yakulo Masipala, uMnuz Lindokuhle Shabalala, ilokhu ikhangise njalo emakhasini ayo ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bazoba nomcimbi ofana nalona.
UPenny Ntuli neGcokama Elisha bakosaziwayo osekuvele ukuthi bazobe bekhona.