BAZOHAMBA beqiqingile bonke abaculi abangu-30, abavotelwayo ukuthi bangene babe yingxenye yabazonandisa emcimbini wanonyaka iMother of All Maskandi Festival.
Umcimbi walo nyaka uzobanjelwa ePeople’s Park, eMoses Mabhida, eThekwini, ngo-Ephreli 5.
UZimiphi "Zimdollar" Biyela ongomunye wabahleli bomcimbi.
Uthe kulokhu bahlele ukuthi wonke umculi kulaba abangu-30 kukhona azokuthola, akekho ozohamba eshwiba izandla.
“Umcimbi uzobe uqukethe izinto eziningi njengoba kuzobe kukhona izinkakha emculweni kamaskandi ezingekho ohlwini lwalaba abavotelwayo. Kulabo baculi kukhona uThokozani Langa, Khuzani Mpungose, Mfiliseni Magubane, Ndoni, Gatsheni, Gandaganda, Shwi, Dr Buselaphi nabanye. Sijabule ngokuthi umcimbi ube kwelinye izinga kulo nyaka ngoba uzobe uqukethe nokunye esingakaze sibe nakho ngonyaka odlule esikufihle emqubeni, esizojabulisa ngakho abazowuhambela,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi ozophuma phambili ngamavoti uzohamba netekisi i-Quantum, ozophuma isibili uzobe esethola umklomelo wemali nabanye bonke bazothola imihlomulo ehlukene ngokuba yingxenye yomcimbi.
UZimiphi uthe amasango alo mcimbi azovulwa ngo-12 emini bese uyaqala umcimbi ngo-3 ntambama uze uvalwe ngo-4 ekuseni.
Abaphathi bohlelo uveze ukuthi kukhona kubo uTK Zuma, Mashudula, Tshatha, Bingelela Mpanza, Mdonso nabanye.
Kubaculi abavotelwayo kubalwa kubo abaculi izingoma zabo ezishisa izikhotha kulezi zinsuku okukhona kubo uLimit Nala, Sminofu, Menzi, Maganga Thishela, Inkosi Yamagcokama, Falabo, Skweletu, Jaiva Zimnike, Umafikizolo, Bahubhe, Mjolisi, Njoko nabanye.