YAZI kahle kamhlophe i-ANC ukuthi amanye amaqembu akuhulumeni wokubambisana angaziphumela kulobu budlelwano ngoba engeneme ngezinto ezithile.
Le nhlangano ithe la maqembu azobe ezikhiphe wona, yona ayiphethe mbazo yokuwanquma.
Lokhu kushiwo nguNobhala Jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, othe abanazo izinhloso zokukhipha amaqembu kulo hulumeni, kodwa azozikhipha wona.
UMbalula uthe uma kukhona amaqembu azikhipha wona, bazoqhubeka bayibambe ishisa.
"Abantu bazozikhipha bona kuhulumeni, asiphethe zembe lokubakhipha. Sizimisele ngokuqhubeka namaqembu esinawo kwiGNU kodwa uma kukhona abanganeme bangashiya," kusho uMbalula.
Uthe abangenanga kwiGNU ngoba bezibeka bona phambili kodwa babebeka abantu bakuleli.
Uchithe nokuthi ababakhokhele abasebenza kule nhlangano.
"Siyakuvuma ukuthi siphuzule ukukhokhela abasebenzi. Sinezinselelo zemali kodwa lokho akusho ukuthi siwile. Abasebenzi asibakhokhelanga ngosuku okumele bathole ngalo imali yabo," kusho uMbalula.
Ukusho lokhu ekhuluma nabezindaba izolo ngemuva komhlangano wesigungu esiphezulu se-ANC ngempelasonto.
Uthe bayasiveza nesimo sabo sezimali kwikhomishini eyengamele ukhetho kuleli.
UMbalula uthe kulo mhlangano wenhlangano zonke izinhlaka ezisanda kukhethwa kumele ziqeqeshwe.
"Ngisho isigungu esiphezulu sizoqeqeshwa ngoba wonke umuntu osanda kukhethwa, kumele aqeqeshwe. Noma ibuphi ubuholi obuzokhethwa buzoqeqeshwa," kusho uMbalula.
UMbalula uthe bazimisele ngokuthi ungawi uhulumeni wokubambisana kwamaqembu kuhulumeni ohlanganisa amaqembu.
Uthe bayixoxile nendaba yokubuyekezwa kwamadlelandawonye ahlanganisa i-ANC, SACP, Cosatu neSanco.
Usho lokhu nje iSACP yamemezela ukuthi izongenela ukhetho ngokuzimela, ngenxa yokuthi ikhathele indaba yokuthi akukho zinyathelo ezithathwayo ngezithinta ukubuyekezwa kwamadlelandawonye.
I-SACP ithi akusekho ukujikela emuva iyaqhubeka nalesi sinyathelo.
UMbalula uveze nokuthi kuzoba nomhlangano iNational General Council (NGC), yale nhlangano yokubheka eminye yemigomo okwavunyelwana ngayo engqungqutheleni yokukhetha ubuholi bukazwelonke eyayiseNasrec.
"Le NGC izobanjwa kusuka kuDisemba 8 kuya kuDisemba 12, eGoli. Sizobheka ezinye zezinqumo esazithatha engqungqutheleni kazwelonke," kusho uMbalula.