BAKHALA ngokuthi izoshaya kakhulu abashonelwe eyokumiswa kwezinhlelo ezijwayelekile zikaMasipala wasoKhahlamba okubikwa ukuthi ubhekene nenkinga yemali.
Ikhansela leqembu eliphikisayo emkhandlwini, i-IFP, lithe ukumiswa kwezinhlelo zomkhandlu ezejwayelekile kusho ukuthi umasipala ngeke usalukhipha usizo ojwayele ukulunikeza imindeni esemanzini.
Kulolu sizo kubalwa nokuhlinzeka ngogandaganda omba ithuna.
Isolezwe lithole ukuthi itshe limi ngothi kulo mkhandlu osuthathe isinqumo sokumisa zonke izinhlelo zawo ezijwayelekile kuze kungene isabelomali esisha ngoJulayi.
Abasebenzi bomkhandlu kuthiwa basengcupheni yokungaholi kule nyanga njengoba kuthiwa imali ekhona yanele ukuholela u-70% wabasebenzi.
Isolezwe lithole ukuthi bekubizwe umhlangano wabasebenzi, lapho betshelwe khona ngenkinga yemali.
Umthombo uthe abasebenzi batshelwe ukuthi isimo sezimali sibi ngale ndlela yokuthi umasipala ungawa bhu phansi uma singase singangeni isabelomali ngoJulayi.
"Abasebenzi batshelwe ukuthi kuzomiswa zonke izinhlelo eziqhubeka kuma-ward. Kukhona imihlomulo abasebenzi abangeke besayithola. Kuleyo mihlomulo kubalwa i-cellphone nemihlomulo anayithola uma behamba."
UMasipala wasoKhahlamba uphethwe ngokubambisana i-Apemo, ANC, EFF ne-NPA.
Lo masipala ubujwayele ukuthola imibiko engenagcobho kuMcwaningi mabhuku, kodwa uthole umbiko onogcobho onyakeni wezimali owedlule.
I-IFP ithe ukumiswa kwezinhlelo zomkhandlu kuzophazamisa yona kakhulu ngoba iyona enamakhansela amaningi. Ikhansela le-IFP, uMnuz Sanele Buthelezi, lithe ukumiswa kwezinhlelo zomkhandlu kusho ukuthi abantu abashonelwe ngeke besaluthola usizo.
"Noma thina bengakasitsheli, kodwa sizwa kuthiwa banqume ukumisa zonke izimoto zomkhandlu. Lokho kusho ukuthi uma kukhona abantu abashonelwe, ngeke umasipala uwukhiphe ugandaganda ozokumba ithuna.
"Njengekhansela kufanele ngikhiphe ephaketheni lami, ngithenge udizili, uma kushoniwe. Noma kunomgwaqo okungahambeki kuwo, kusho ukuthi kufanele mina ngikhiphe ephaketheni lami ukuze sithole ugandaganda ozosilungisela. Kanti sekuyimina yini umasipala uma sengizokhipha ephaketheni lami?"
UButhelezi uthe ngokwemibiko eyethulwe emkhandlwini, isabelomali sishoda ngoR40 million.
"Saqala salethwa okokuqala isabelomali, kwatholakala ukuthi sishoda ngoR70 million. Izikhulu zomkhandlu zazama ukwenza izinguquko njengoba sesishoda ngoR40 million manje."
Imizamo yokuthola ukuphawula kweMeya yasoKhahlamba, uMnuz Vikizitha Mlotshwa, ayizange iphumelele njengoba ucingo lwayo belukhala lungabanjwa.