USADIDEKILE namanje umndeni wowesifazane waKwaZayeka, eSweetwaters, eMgungundlovu, okutholwe isidumbu sakhe sisha ubuhanguhangu esangweni lakubo ngeSonto.
Kulesi sigameko esishaqise wonke umuntu endaweni, kufe ngesihluku uNksz Ncamisile Zuma (29).
Ngokusho kukamfowabo, uMnuz Sphesihle Mhlongo, ugcinwe ngabomndeni ngoMgqibelo ebusuku, ephuma ekhaya ehamba.
Uthe wayekade eziyele komunye umuzi endaweni, obekunomcimbi khona, wabuya sekuhlwile.
“Ngesikhathi esephuma isibili, kwase kungo-11 ebusuku, wabonwa abomndeni abengakalali ukuthi uyahamba,” kusho uMhlongo othe akachazelanga muntu ukuthi uyaphi, nabo futhi banganaka ukuthi bambuze.
Uthe ezintatha ngeSonto, bavuswe umakhelwane, ethi abeze esangweni ngasemgwaqweni bezombukisa.
“Ngifice kusha isidumbu somuntu. Ngithe uma ngisondela eduze ngabona ophaqa bakhe udadewethu, ngathi uma ngiphinde ngibukisisa, ngabona ingxenye yezingubo zakhe,” kusho uMhlongo othe uphuthume endlini, wabuya namanzi, wamcisha kodwa kwacaca ukuthi sekonakele ngoba ubesevele eseshonile udadewabo.
Uchaze umufi njengomuntu obenakho ukuphuma ebusuku azihambele, aziyele esokeni lakhe nasezindaweni zokucima ukoma endaweni.
Uthe balibuzile isoka nabakhona kulezi zindawo ukuthi uke wafika yini ebusuku ngoMgqibelo, balandula, wathi nakulo muzi obekunomcimbi khona, abakuvezanga ukuthi uphinde wabuya isibili.
UMhlongo uthe isigameko sibashaqisile bewumndeni, wathi basadidekile ngokuthi isiphi lesi sitha esingaka, umufi abesenaso esikhethe ukuthi simbulale kabuhlungu kanje.
“Ubulawe ngesihluku esikhulu udadewethu. Yebo indawo inabo ubugebengu obejwayelekile njengokugqekezwa kwemizi yabantu, kuntshontshwe izimpahla kodwa obokushiswa kwabantu besifazane, abukaze benzeke,” kusho uMhlongo.
Uthe bewumndeni bahlalele ovalweni njengoba bengabazi abasolwa futhi besagcwele amathafa.
“Sifisa babanjwe ngokushesha, bayophendula enkantolo ngecala,” usho kanje.
Ikhansela lendawo, uNkk Jabu Ngubo, lithe umphakathi wethukile ngesigameko, lathi siyinto engajwayelekile futhi siwethusile umphakathi.
Amaphoyisa awayiphendulanga imibuzo ngodaba.