UJABULELA ukuthola ubulungiswa umndeni wowesilisa waseNhlungwana, oLundi, inkantolo ilahla inkosi yale ndawo ngecala lokumbulala.
Esehlakalweni esenzeka ngoMashi 2023, Inkosi Bongani Mlaba, yadubula uMnuz Phakamani Dubazane (31) ezindaweni ezibucayi.
Owesilisa, owayedubuleke wanqotshwa ukufa emva kwezinsuku ezintathu engeniswe esibhedlela.
Isihlobo esicele ukungadalulwa, sichaza ngokwenzeka, sithe kwakunomcimbi kwaMlaba, izintombi nezinsizwa zendawo ziphelele khona.
Sithe umufi nezinye izinsizwa zakwabo babeme esangweni ngesikhathi kuqhamuka umfowabo wenkosi, wacela ukuba zithi ukulinda ngoba usayolanda ukhiye wokuzivulela isango.
“Esahambile, kwaphuma umbulali weza phandle wabasho ngenkulu inhlamba abakwethu. Wase edubula ebhekise ngakubo,” kusho isihlobo.
Sithe kuleso sigigaba, kwadubuleka umufi esiswini nasezimbanjeni.
Sithe wathi esuka uMlaba, weza esangweni, ezothi basuka emakubo, bazodubulana esangweni lakhe.
Siveza ukuthi ngaleso sikhathi abakucela kuye ukuthi akhiphe imoto iphuthumise uDubazane esibhedlela njengoba esemdubulile.
Sithe uMlaba waboshwa emva kokuvulwa kwecala kodwa inkantolo yabuye yamdedela ngebheyili, icala laqulwa engaphandle njengoba seligcine limgojele.
“Ukulahlwa kwakhe yicala kuyasijabulisa, yize noma kungeke kusambuyisa othandiweyo wethu. Esikufisayo ukuthi athole isigwebo esikhulu, esifanele isenzo sakhe esinonya,” kusho isihlobo.
Sithe njengoba elahlwe yicala, akujabule bona bodwa, kodwa kujabule nomphakathi owakhele isizwe sakhe uMlaba.
“Umphakathi uthi uzoke uphumule indaba yenkosi edlala ngesibhamu uma iphuzile,” kusho isihlobo esithe isibhamu ubevele ayosiqhumisa emanxiweni akubo, njalo uma ebuya ecaleni.
Uthe umphakathi ukhala ngokuthi uMlaba wathola isihlalo engavuthiwe emqondweni, kodwa wavunwa ukuzalwa embethe.
“Ubehlale ephuma engena ejele, kuthinteka izibhamu ezingekho emthethweni, isihlalo samfica evele ewusikhotheni owaqhubeka, ngisho esesesihlalweni,” kusho isihlobo, esithe babongwa wumphakathi ngokumphosela inselelo, bemvulela icala ngokudubula umufi.
Isigwebo sikaMlaba, sizophuma eNkantolo yesiFunda yasoLundi namuhla.