UMNTWANA uSimakade Jackson kaZwelithini uzoyiqhamukela ngenye indlela eyokuchitha iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini esihlalweni sobukhosi bukaZulu.
Umntwana uSimakade uzosebenzisa isicelo esiphonsela inselelo isinqumo senkantolo esachitha isinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa, sokuvuma ukuqokwa kweSilo uMisuzulu, ukuzama ukuphinde agudluze iNdlulamithi esihlalweni.
Umntwana uSimakade ufuna ukuthi iNkantolo yamaCala aDlulisiwe inqume ukuthi yenza iphutha iNkantolo eNkulu ePitoli ngokugcina ngokuchitha isinqumo sikaRamaphosa kuphela, yangakuchitha ukuqokwa kweNdlulamithi njengeSilo.
Okhulumela abeseka umntwana uSimakade, umntwana uThokozani Zulu, uthe umntwana uSimakade akanelisekile ngokuthi inkantolo ayizange imvune ephuzwini elithi akukho emthethweni ukuqokwa kweSilo.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngoMgqibelo, lapho ebechaza khona ngamalungiselelo okulalelwa kwesicelo sikaRamaphosa, ophonsela inselelo ukuchithwa kwesinqumo sakhe sokuvuma ukuqokwa kweSilo.
Icala lizolalelwa eNkantolo yamaCala aDlulisiwe, ngoMeyi 28 no-29. INkantolo eNkulu ePitoli yachitha isinqumo sikaRamaphosa ngo-2023.
URamaphosa wabe esefaka isicelo sokudlulisela phambili isinqumo senkantolo.
Umntwana uThokozani uthe nomntwana uSimakade udlulisela phambili ezinye izingxenye zesinqumo senkantolo.
Umntwana uThokozani uthe bakholwa ukuthi laphazama iJaji Norman Davis, ngesikhathi linqaba ukunquma ukuthi kwakungekho emthethweni ukuvunywa kweSilo uMisuzulu.
Ekhipha isinqumo, uDavis wathi iJaji Mjabuliseni Isaac Madondo, lase livele selinqumile ukuthi iSilo uMisuzulu isona esifanelwe ukuhlala esihlalweni sobukhosi bukaZulu.
UMadondo wayelalele amacala ombango wesendlunkulu ayequlwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
Umntwana uThokozani uthe amacala ayephambi kukaMadondo ayengathinti umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu, wathi ayethinta amafa eSilo esesakhothama, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
"Ngicabanga ukuthi kunokudideka okukhona lana. INgonyama (umntwana uSimakade) yayingeyona ingxenye yalelo cala. Umbuzo ovukayo uthi kwenzeka kanjani ukuthi uMadondo aqule icala, bese efaka iNgonyama ekubeni ingeyona ingxenye yecala."
Umntwana uThokozani uthe bafuna nokuthi inkantolo ibekele uRamaphosa imibandela azoyilandela uma eseqoka abazophenya ngombango wesihlalo sobukhosi.
"Inkantolo ayichazanga ukuthi uphenyo kumele luqalwe phansi. Nakuba umthetho uthi umengameli akabumbe ikomiti, umntwana uSimakade ufuna ukuthi labo abazoqokwa bacwaningisiswe, ukuze sibalekele ukuchema," kusho umntwana uThokozani.
Umntwana omkhulu waKwaMinyamanzi, uMazwi Zulu, uthe leli cala libalulekile kakhulu embusweni kaZulu.
"Leli cala liwukufa nokuphila kukaZulu. Izinqumo eziyothathwa kulona zingasho ukushabalala noma ukuphila kobukhosi bukaZulu."
Umntwana uMazwi ucele isizwe ukuba sixhase uMntwana uSimakade ngezindleko zecala.
Uthe umntwana uSimakade uyena ofanelwe ukuhlala esihlalweni sobukhosi bukaZulu.
"Ayikho enye iNgonyama."