KUHLEHLE icala Inkosi yakwaMlaba eNhlungwana, oLundi, elahlwe yicala lokubulala iletha ummeli omusha, okuthiwa uzobeka amaphuzu aqinile emibandela efisa ukudonsa isigwebo sayo ngaphansi kwayo uma isigwetshiwe.
Lokhu kuthiwa kuhlaluke eNkantolo yesiFunda yasoLundi, lapho obekulindeleke ukuthi kugwetshwe Inkosi Bongani Mlaba, eyadubula ezindaweni ezibucayi, uMnuz Phakamani Dubazana (31) esigamekweni esenzeka ngoMashi 2023.
Ngokusho kwesihlobo, ummeli uzonxusela uMlaba ukuthi uma esegwetshiwe, angasidonsi isigwebo sakhe ejele laseNcome.
“Udalule ukuthi kukhona owesilisa, omshayele ucingo, wathi akasakwazi ukulinda ukuthi afike (uMlaba) ejele khona ezoziphindiselela,” kusho isihlobo.
Siveze ukuthi izinsolo zithi owesilisa oshayele uMlaba ucingo, owesilisa ababekade benze naye icala elithile, baboshwa, yena wase ekhetha ukuphenduka ufakazi woMbuso, emshiya yedwa otakwini olwagcina lumgweba.
“Uzicelela ukuthi angayiswa eNcome ngoba ebona engaphephile, kulo mlisa omshayelile,” kusho isihlobo, esithe, uveze ukuthi angaya nakunoma yiliphi ijele, inqobo nje uma kungekhona eNcome.
Inkantolo ibe isimcacisela ukuthi amathizethize ahambisana nokuthi uzosidonsela kuphi isigwebo sakhe, ngaphansi kwamiphi imibandela, wudaba okufanele aluxoxe naboMnyango wokuHlunyeleliswa kweziMilo, hhayi nenkantolo.
Siqhube sathi kubuye kwahlaluka nokuthi unesifo senhliziyo, afisa ukuthi acatshangelwe ngenxa yalobu buthakathaka.
Sizwakalisa abakuzwayo njengomndeni, sithe akukho ebangakusho ngoba nazo iziboshwa zinamalungelo.
“Noma kubuhlungu, kodwa sizolinda ukufika kwesiphetho. Asiliqondi leli lungelo lakhe alifunayo, kodwa asifisi ukuthi bese ephathwa ngezandla ezintofontofo, ekubeni abulala isihlobo sethu,” kusho isihlobo esithe bafuna aphathwe njengezinye iziboshwa futhi agwetshwe ngesigwebo esinikwa abasuke bebulale abantu.
Ngesikhathi umufi ehlaselwa, kuthiwa kwakunomcimbi kwaMlaba, nokwathi umufi nabanye bemile esangweni, belinde ukuvulelwa, uMlaba, wavele wavulela ngenhlamvu, kwalimala umufi owagcina eshonela esibhedlela.
Khonamanjalo, iNkantolo yeMantshi yaseMbumbulu, ilihlehlisele uMeyi 29 icala lokubulala elibhekene noMnuz Mduduzi Masuku.
Lokhu kuze emva kokuba imantshi iveze ukuthi idokodo lisehhovisi likaMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi ukuze athathe isinqumo sokuthi lizoqulwa enkantolo yesifunda noma enkantolo enkulu.
Njengokwejwayelekile, umndeni kamufi, uNksz Mabongi Mkhize (32) ubukhona enkantolo.
Sekuphunywa ngaphandle, unina kamufi, uNkk Thembisile Mkhize uthe wehluleka nawukumbuka ummangalelwa uma embona enkantolo.
Uzwakalise, ake wakubalula phambilini ukuthi “wayengaze ayiqobe pho” indodakazi yakhe.
Ezinye izihlobo zizwakalise ukuthi azazi ukuthi kungani angavele alivume icala njengoba aziceba yena emaphoyiseni ngakwenza.