ISIMBAMBAMBA esivulelwe yiMK okhethweni lokuchibiyela kuMasipala waKwaDukuza sishiye i-ANC ihlezi ngesinqa esisodwa kulo mkhandlu.
Ukuhlwitha kweMK iwadi ebiphethwe yi-ANC kunciphise izihlalo zeqembu elibusayo. I-ANC ibivele iwuphethe ngencacamezelo umkhandlu njengoba ibinezihlalo ezingu-29 kwezingu-59, manje isisele nezihlalo ezingu-28.
I-MK inqobe ngamalengiso ukhetho obelukuwadi 28 njengoba ithole amavoti angu-1 623, kwathi i-ANC yona yathola amavoti angu-996.
I-MK ibigadla ngohlubuke kwi-ANC, uMnuz Vishnugopal Govender, okhethweni lwangoLwesithathu, kanti i-ANC yona ikhiphele isibhongo kwi-IFP okhethweni lokuchibiyela obelukuMasipala wasoPhongolo.
I-ANC ithathe ithathe i-wadi, ebiphethwe yi-IFP. I-ANC ithole amavoti angu-931, iMK yathola angu-728, kwathi i-IFP yona yathola angu-622.
Ukuhlulwa kwe-IFP okhethweni lwangoLwesithathu kusho ukuthi nayo isihlezi ngesinqa esisodwa kulo mkhandlu. I-IFP izosala nezihlalo ezingu-14 kwezingu-29.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Fanle Sibisi, ubonge ukuphokophela kwamalungu eqembu abekhankasela ukhetho KwaDukuza, wathi bekungelula, waveza ukuthi obemele i-ANC okhethweni, uNksz Lucia Mlondo, uqhubekile nokukhankasa yize noma ebethola izinsongo.
"Siyakubonga ukuzinikela kwakhe. Umsebenzi wethu awuphelile lapha KwaDukuza. Ngesikhathi sikhankasa ziningi izinkinga abantu abasibikele ngazo. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi ziyalungiswa zonke izinkinga esibikelwe ngazo."
USibisi uthe ukunqoba ukhetho kuMasipala wasoPhongolo kukhombisa ngokusobala ukuthi akukapheli nge-ANC.
"Ngithanda ukuncoma abantu basoPhongolo abathathe isinqumo sokunika i-ANC ithuba lokuphatha. Bazoyibona inqubekela phambili nozinzo. Ikusasa labo lisezandleni eziphephile njengoba bekhethe i-ANC."
I-MK ibonge abayivotela okhethweni lwaKwaDukuza nasoPhongolo.
Le nhlangano ithe imiphumela yokhetho lwangoLwesithathu ikhombisa ngokusobala ukuthi bazosobozela konke okuphambi kwabo okhethweni lohulumeni basekhaya oluzokuba ngonyaka ozayo.
I-MK ithatha iwadi eliKwaDukuza nje, bekungakapheli isikhathi esingakanani ithathe enye kwi-ANC.
Ngenyanga eyedlule, iMK yathatha indawo eyayiphethwe yi-ANC kuMasipala waseRichmond.
Ukunqoba kweMK kusho ukuthi isinamakhansela amane KwaZulu-Natal.
Le nhlangano inekhansela kuMasipala waseMzumbe, iphinde ibe nekhansela kuMasipala iRay Nkonyeni.