I-IFP ifake abaholi besifazane ezikhundleni ezimqoka zokuphathwa kwemikhandlu yomasipala abehlukene. Emva komhlangano wesigungu esiphezulu ngoMgqibelo i-IFP imemezele ukuthi ijuba ikhansela uThembisile Mchunu esikhundleni sokuba yiMeya kaMasipala waseMzinyathi. IPhini leMeya ngomunye umuntu wesifazane ikhansela uNothile Zungu.
KuMasipala waseNkandla ifake ikhansela uNonhlanhla Nzuza kwesobumeya kanti iphini lakhe yikhansela uNokuthula Magubane.
EMajuba igaxe iketenga lobumeya ikhansela uThembelihle Mthembu. Yilapha kuphela lapha iPhini leMeya kuzoba ngumuntu wesilisa uMnuz Isaac Sithole.
Isitatimende saleli qembu sihalalisele bonke abajutshwe ezikhundleni ezintsha futhi labafisela okumhlophe.
“Silindele ukuthi bangene ezikhundleni bangananazi ngokwenza umsebenzi. Sibheke ukuba kuphuthunywe ukuhanjiswa kwezidingo zabantu ngokuzinikela nangendlela eseqophelweni eliphezulu.”
Isitatimende siqhuba ngokuthi i-IFP izibophezele ezikuphathweni komasipala ngendlela enobuchule.
“Njengoba siqhubeka nokuhola komasipala abehlukene, i-IFP izobophezele ngamaphuzu angu-13 ezethembiso zango-2021 zokulethwa kwezidingo, iqinisekisa ukuthi sibeka eqhulwini inhlalakahle yemiphakathi. Sicela bonke ababambe iqhaza, okuhlanganisa izikhulu zomasipala kanye nezakhamuzi beseke laba baholi emizamweni yabo yokwakha ohulumeni basekhaya abangcono nabasimamayo.”