BAZOZIFAKA kunoxhaka omasipala abazobhubhudla izigidi zamarandi ezabelwe ukulungisa umonakalo odalwe izikhukhula.
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uthe uzoyibamba esabelweni esitholwa omasipala kuMgcinimafa yonke imali ezomoshwa yimikhandlu eyabelwe ingxenye ka-R1.4 billion ukulungisa umonakalo odalwe yizikhukhula.
UNgqongqoshe woMnyango, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe bazokuqapha ngeso lokhozi ukusebenza kwale mali.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ePitoli, izolo. Iningi lomasipala ababelwe izigidi zamarandi basesifundazweni iKwaZulu-Natal, lapho izikhukhula zihlasele khona kulandelana.
UHlabisa uthe omasipala abanikezwe imali babekelwe imibandela eqinile.
"Omasipala kufanele balethe imibiko yanyanga zonke, lapho bezokube bechaza khona ukuthi yini asebeyenzile. Kuleyo mibiko kufanele balethe nobufakazi basebhange obukhombisa ukuthi imalini esele. Noma ngabe imali ayikaqali ukusebenza, omasipala kufanele balethe ubufakazi obukhombisa ukuthi isekhona ebhange, ayikathintwa."
UHlabisa uthe uma omasipala sebeqedile ukusebenzisa imali kuzofanele balethe umbiko okhombisayo ukuthi imali isebenze kanjani.
"Esizokugada ukuthi ngabe imali yenze izinto obekufanele izenze, nanokuthi ngabe ngabe uyagculisa yini umsebenzi owenziwe. Uma sike sathola ukuthi imali yenze enye into, sizoyibamba esabelweni esizotholwa iloyo masipala onyakeni wezimali ozayo."
UHlabisa uthe kunezinkinga ezintathu abajwayele ukubhekana nazo uma babele omasipala imali yokulungisa umonakalo odalwe izikhukhula.
Uthe inkinga yokuqala ukuthi abanye omasipala bavele baqashe abantu abazokwenza umsebenzi ongekho ezingeni; eyesibili ukuthi abanye omasipala bavele bayisebenzisele ezinye izinto imali; eyesithathu ukuthi abanye omasipala bayahluleka ukusebenzisa ngesikhathi imali abasuke beyabelwe.
"Kokunye ubona sebeqedile ukuthi umsebenzi obuwenziwa awukho ezingeni. Kwabanye omasipala imali iyahlala isikhathi eside ingasetshenziswa. Size sigcine sesiphoqeleka ukuthi sithi abayibuyise. Kokunye omasipala bathatha le mali baholele ngayo abasebenzi. Kwesinye isikhathi omasipala bathi bazokwakha umgwaqo ongu-3km kodwa ekugcineni kwakhiwe umgwaqo ongaphansi kuka-3km."
UHlabisa uthe omasipala banikezwe kuze kube u-Agasti, ukuba basebenzise le mali, wathi abazohluleka ukuyisebenzisa ngesikhathi bazophoqwa ukuthi bayibuyise.
Bangu-14 omasipala baKwaZulu-Natal abathole ingxenye yale mali, kanti sebebonke bathole uR200 million.
UHlabisa uthe kudingeka u-R11 billion ukulungisa umonakalo odalwe yizikhukhula KwaZulu-Natal, Eastern Cape, Mpumalanga, Free State, naseLimpopo.
Uthe ngoMeyi bazophinde futhi babe enye imali.
"Okwamanje iyona mali esiyitholile, sisalinde uMgcinimafa ukuba asinike enye. Uma sekuphasiswe isabelomali, sizobona ukuthi imalini enye esizoyithola."