SISHUBILE isimo ezweni lonke njengoba kunamamashi ezifundazweni ezahlukene abantu bekhala ngobulungiswa ecaleni lokudlwengulwa komfundi oneminyaka eyisikhombisa esikoleni iBergview College, eMatatiele, e-Eastern Cape.
Ngokusho kwabazali bale ngane, baqaphela ibuya esikoleni ngomhla ka-15 Okthoba 2024 ibuya esikoleni ingaphile kahle yaze yahanjiswa kudokotela ngosuku olulandelayo. Ngokwesitatimende samaphoyisa bathathu abasolwa ngaleli cala okukhona kubo noThishanhloko wesikole. Umphenyi wecala unazo zonke izitatimende futhi ukuhlolwa kwe-DNA nakho kwenziwe.
"Umshushisi wombuso kuzothintwa phakathi nesonto elizayo futhi nomndeni uzonikezwa impendulo mayelana nalolu daba."
Umnyango wezeMfundo e-Eastern Cape usuthumele izikhulu zalesi sikole incwadi yesaziso sokuvalwa kwaso. Lo mnyango usola isikole ngokungaluphenyi kahle futhi nokungaluphathi ngendlela udaba lokudlwengulwa kwalo mfundi.
Kwenzeka lokhu-nje i-Afriforum isiveze ukuthi izomeseka uthishanhloko walesi sikole ongomye wabathathu okuthathwe izitatimende zabo kanye nolibofuzo njengoba kuqhubeka uphenyo. Le nhlangano inikele ezinkundleni zokuxhumana ithi ithimba labo elizimele lezokushushisa alivikeli umdlwenguli osolwa ngokudlwengula.
"Lolu phiko lumele uJaco Pieterse onguthishanhloko waseBergview College eMatatiele. UPieterse akayena umsolwa ecaleni lokudlwengula elithinta umfundi wakulesi sikole, futhi uphiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) alukaze lumthathe njengomsolwa njengoba esefake isicelo sawo sokuba kutholwe isampula ye-buccal ukuze kuhlolwe ulibofuzo. Ngaphezu kwalokho, ukuqonda kwalolu phiko ukuthi uPieterse akazange axhumane nesisulu ngaphambi kokuba avule icala, futhi abukho ubufakazi bokuthi leli cala lenzeka emagcekeni esikole, kusho i-Afriforum ngesitatimende.
Le nhlangano iqhubeke yathi uphiko lwayoo lwezokushushisa luphonsela inselelo i-SAPS ukuthi inikeze ubufakazi obusekela noma yiziphi izinsolo zokuthi uPieterse uyamataniswa naleli cala.
"Okuphawulekile ukuthi lolu phiko lutshele amaphoyisa ukuthi lokhu kuxhashazwa kwenqubo kubeka uPieterse esimeni esingemukeleki lapho ukuvumelana nesicelo sesampula kuveza izinsolo zokuthi ungumsolwa, futhi ukwenqaba isicelo kuveza izinsolo ezifanayo."