UMASIPALA weTheku usuwuhlabe wawuhlikiza umbiko wezwi oqoshiwe (voice note) osabalale ezinkundleni zokuxhumana ngokuminza kwabantu okuthiwa kwenzeke emabhishi aseThekwini.
UMnuz Msawakhe Mayisela okhulumela umasipala, uthe sebeyazi ngomyalezo okukhuluma kuwo umuntu othile exwayisa abantu ukuthi bagweme ukuya emabhishi ngenxa yalesi sigameko, athi singamampunge.
UMayisela uthe ngaphandle kwalowo mbiko athi awulona iqiniso, angakuqinisekisa ukuthi nokho sikhona isigameko esenzeke eNorth Beach ngoDisemba 17, ngesikhathi kuminza abantu abathathu.
“Leso sigameko sidalwe yigagasi elinamandla nokuyinto ejwayele ukwenzeka olwandle. Siwumasipala siyakuqinisekisa ukuthi azikho ezinye izigameko zokuminza kwabantu ezibikwe eSipingo Beach, kulo Disemba. Ibhishi livalwe ngenxa yenkinga yamanzi nokuthi alikho ichibi lokubhukuda (swimming pool) khona,” kucacisa uMayisela.
Uqhube ngokuxwayisa abantu ukuthi baqaphele imibiko edukisayo nengelona iqiniso esatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana ngenhloso yokufaka ingebhe ebantwini.
“Ukubhukuda ebhishi akunabungozi uma abantu bezobhukuda ezindaweni eziphephile, belandele yonke imigomo nemithetho okumele igcinwe ukuze bangalimali - bagweme nokungena ebhishi bedle amanzi amponjwana.
“Siwumasipala sizwelana nayo yonke imindeni elahlekelwe ngabathandiweyo bayo eNorth Beach, siphinde sidlulise amazwi okubonga ezisebenzini zasebhishi nabezimo eziphuthumayo ngokuzikhandla kwabo ngesikhathi kwenzeka isigameko,” kusho uMayisela.