BAPHENDUKELANE enkantolo abangani kwelokubulawa komfundi waseDurban Girls, ngesikhathi ummangalelwa wesibili echakida umngani wakhe aboshwe naye kuleli cala, eziqhathulula ethi ubhecwa ngobende inyama engayidlanga.
UMnuz Sifundo Bhengu ongummangalelwa wesibili, ukhombe ngenjumbane umngani wakhe, uMnuz Bongani Freedom Jali, wathi nguyena owenza lesi siga.
Laba bebevele eNkantolo eNkulu yaseThekwini, lapho obekuqala khona ukuqulwa kwecala lokubulawa kukaWandile Aphiwe Ngcobo.
Umufi wahlaselwa wadlwengulwa ekubo eMlaza, esigamekweni esenzeka ngoMeyi 28, ngonyaka odlule.
Isidumbu sikamufi satholakala sinamanxeba futhi sinezimpawu zokuthi siqale ngokudlwengulwa. Kwavela ukuthi ngesikhathi ehlaselwa umufi wayekade eyedwa ekhaya, engekho uyise uMnuz Patrick Ngcobo.
Emuva kwezinyanga ezimbalwa laba ababili bakhalelwa ngamaSongo kaSigonyela. Endlini kwebiwa umakhalekhukhwini kamufi nethelevishini nokunye okuningi.
Izolo, zithe zusuka nje uMbuso wafundela laba ababili amacala ababekwe wona. Babekwe icala lokugqekeza, elokubamba inkunzi nelokubulala ngenhloso.
Babuziwe bobabili ukuthi ngabe bayawaqonda yini ukuthi abucayi kangakanani lawa macala ababekwe wona uMbuso, bavuma.
Inkantolo iqale yabuza uBhengu ukuthi uyawavuma noma uyawaphika yini amacala abekwe wona, wathi uyawaphika. Kube yinto efanayo nakuJali, wawaphika.
Ingwiji iqale ngesikhathi abameli babamangalelwa sebefunda izitatimende ezifungelwe lapho bekumele bachaze khona ukuthi kungani bethi bayawaphika amacala.
Ummangalelwa wokuqala akathandanga ukusebenzisa lelo thuba. Ngakolunye uhlangothi, ummangalelwa wesibili ugeqe amagula echakida umngani wakhe.
Utshele inkantolo ukuthi ummangalelwa wokuqala nguyena owabulala umufi, wathi ngosuku lwesigameko wahamba waya ngasePhilani, eMlaza, kwenye indawo edayisa izidakamizwa, ehamba nomunye ambize ngoBrian.
Uveze ukuthi bahlangana nommangalelwa wesibili owamcela ukuthi makahambe naye kuyiwe kubo ngoba unezinye izidakamizwa abangaqhubeka bazisebenzise. Eqhuba uthe wathatheka, wavumela phezulu nebala bahamba.
Sebefikile kubo kammngalelwa wokuqala, uthe kwadingeka ukuthi bathole ezinye izidakamizwa. Ubalule ukuthi ummangalelwa wokuqala wambuza ukuthi uyazidinga yini ezinye izidakamizwa, wavuma.
Uthe wathi makahlale amlinde usaya komunye umuzi oseduzane.
Ngokusho kwakhe, uthe wazumeka ngenxa yokuthi wayesedle kakhulu izidakamizwa, watshela inkantolo ukuthi umngani wakhe wabuya elambatha, engaziphethe izidakamizwa kunalokho wamtshela ukuthi lapho abeya khona ufike wabulala intombazane encane.
Eqhubeka echaza uthe ummangalelwa wokuqala wamdonsa ngendlebe ukuthi uma eke wayithi vu indaba yokuthi kukhona umuntu ofile, naye uyofa.
"Ngawatshela amaphoyisa ukuthi angazi lutho, ngawachazela ukuthi ummangalelwa wokuqala uyena obulele umuntu," usho kanje.
Emuva kokugonyuluka kwakhe, iguqile inkantolo isikhashana. Kuthe sebehla beya emgodini, ummangalelwa wesibili wabonakala ehla egijima samuntu obalekela ummangalelwa wokuqala.
Sekubuywa, ijaji liphakamise ukuthi abamangalelwa bangabe besaba ndawonye futhi bangagcinwa esitokisini esisodwa futhi noma beza enkantolo bahlukaniswe.
"Emuva kwalokhu osekuvelile lapha enkantolo, ngiphakamisa ukuthi laba bangabe besafakwa ndawonye noma yikuphi," lisho kanje.
Ngesikhathi ummangalelwa wesibili kufundwa isitatimende sakhe, ummangalelwa wokuqala ubelokhu emjeqeza kancane, kubonakala ukuthi akakholwa ukuthi umngani wakhe usemjikele esiswini njengotshwala.
Ngaphakathi enkantolo bekukhona amalungu omphakathi abephume ngobuningi. Abephakamisa izingqwembe ezinobuso bukamufi, ebezibhalwe ukuthi "Sifuna ubulungiswa ngendodakazi yethu".
Abaningi bebedlubhe izembatho zebandla i-United Congregational Church (UCCSA), okuyilapho umufi nomndeni wakhe abakhonza khona.
Noyise kamufi ubedlubhe ezakhe izembatho ngesikhathi eqala ethula ubufakazi bakhe khona izolo.
Uveze ukuthi endlini wayekade ehlala nomkakhe ongasekho emhlabeni, wagcina esehlala namadodakazi akhe amabili amancane. Icala liyaqhubeka.