LUSUKUMISE inhlangano iWear Your Brand ucwaningo olushaqisayo lwesikhungo iMoses Kotane Institute oluveza ukuthi badukuza ebumnyameni kangakanani osomabhizinisi abancane mayelana namathuba abangahlomula ngawo athinta umphakathi nohulumeni.
Lesi sikhungo senze ucwaningo olunzulu mayelana nokuthi kwenzeka kanjani ukuthi osomabhizinisi abancane babonakale besalela ngaphandle emisebenzini yomphakathi nohulumeni phecelezi iPrivate Public Patnerships (PPP).
UDkt Simphiwe Buthelezi walesi sikhungo nobeyingxenye yalolu cwaningo uthe bathole ukuthi osomabhizinisi abaningi baKwaZulu-Natal badukuza ebumnyameni ngamathuba abangahlomula ngawo kuhulumeni nasemphakathini.
Uthe lolu cwaningo belubheka ukuthi uma kunobudlelwano phakathi kukahulumeni nomphakathi kukhona yini osomabhizinisi abancane abahlomula ngakho, nokubheka ukuthi kungani besala ngaphandle?
Uthe bathole ukuthi u-84% wosomabhizinisi abancane baKwaZulu Natal udukuza ebumnyameni uma kukhulunywa nge-PPP.
"Lesi ke yisibalo esiphezulu kakhulu futhi lokhu kuyakhathaza ngoba kuchaza ukuthi akulula ukuba osomabhizinisi abancane bahlomule entweni abangayazi ,''usho kanjena.
Uthe lolu cwaningo luqinisekisile ukuthi bantula ulwazi kangakanani lokuhlomula ngemisebenzi osomabhizinisi abancane.
Uthe enye ingcosana yosomabhizinisi abancane bathole ukuthi ulwazi lukhonyana kodwa alwenele ukuthi lungabasiza bahlomule ngokufanele futhi kabazi ukuthi kumele balandele miphi imigudu ukuzibeka endaweni angcono.
Usihlalo wenhlangano iWear Your Brand uMnuz Selby Gumede uthe yibona abacele lesi sikhungo ukuba senze ucwaningo ngokusala ngaphandle kosomabhizinisi abancane emisebenzini yomphakathi nohulumeni.
Uthe lokhu bakwenze ngemuva kokuqaphela ukuthi kukhona okungahambi kahle mayelana nendlela okwenzeka ngayo izinto.
Uthe ngemuva kwalolu cwaningo bafinyelele esinqumweni sokuthi babe nesigcawu sokubhunga kabanzi ngalokhu. Uthe bazobe besiqhuba ngaphansi kwengqikithi ethi ''The Impact of Excluding SMMES from PPP.''
Isigcawu uthe bakhethe ukuthi basiqondanise noSuku lweNkululeko u-Ephreli 27, eVillage, emgwaqweni u-119 Madeline, eWindemere, eThekwini.