INSIZWA esizakhele ugazi kwabaningi eThekwini, uBobo Mbele, kuthiwa namanje ayikakakholwa ukuthi isiphunyukwe yithuba eliyingqayizivele lokusebenza noMpura, ongomunye wabaculi baMapiano abashone engozini yemoto eRustenburg ngoMgqibelo, sekusele izinsuku ezimbalwa aqophe ingoma naye.
UMpura, uKiller Kau, uKhanya "The Voice"Hadebe noTD ngabanye abasendimeni yomculo okuthiwa bashone engozini okungakacaci kahle ukuthi bebesaya noma bese bephuma emcimbini okukholakala ukuthi bebeyonandisa khona.
IMenenja kaBobo, uMafutha, ixoxa neSolezwe izolo, ithe kusenzima kuBobo ukuthi akuqonde ukuthi uMpura, obekumele bahlangane naye okokuqala kuleli sonto eGoli, akasekho emhlabeni.
UBobo waKwaNdengezi udume ngokugqugquzela abantu besifazane ukuthi bazithande kanti waduma ngesiqubulo esithi, “Ilwa Ntombo,” wagcina enza ingoma noKabza De Small noDJ Maphorisa.
UMafutha uthe Ingoma kaBobo abezoyiqopha noMpura isilungile bese kusele ukuthi bayiqophe njengoba ematasa uqopha i-EP yakhe entsha.
Uthe yize bezama ukumenza akuqonde okwenzekile, uBobo unakho ukungakholwa ngoba bekukukhulu abekubhekile ngokusebenza noMpura.
"BesisePitoli ngesonto eledlule sihambe ngokomsebenzi. Eminye yemihlangano obekumele sibe nayo noDJ Maphorisa besizodingida amalungiselelo okugcina okuqopha ingoma noMpura obekuzokwenzeka kuleli sonto kodwa sashaywa isikhathi, sagcina singakwazanga ukuyohlangana nabo.
UMafutha uthe izindaba zokudlula emhlabeni kukaMpura zimthusile kakhulu uBobo njengoba imithwalo ibisisobhokweni.
Ebhala ekhasini lakhe leFacebook, uBobo uthe: "RIP Mpura & Killer Kau, kusho ukuthi bese sikhuluma okokugcina. Nilale ngoxolo bafowethu. Nibe yidlozi elihle emakhaya."
“UBobo uphatheke kabi kakhulu uma simtshela izindaba zokuthi uMpura akasekho emhlabeni. Namanje usenakho ukungayikholwa eyokuthi kuvele lo mshophi. Ulokhu ethi yena uyahamba uyoqopha ingoma yakhe. Uphinde athi uyasola ukuthi mhlawumbe yonke le nto yengozi yinto engekho, mhlawumbe uMpura usaphila," kusho uMafutha.
Uthe akukabi yisikhathi esihle ukuthi uBobo akhulume nabezindaba ngalolu daba.
"Ayikho enye into abekhuluma ngayo, nasakhuluma ngayo namanje uBobo ngaphandle kokuthi yena uyoqopha ingoma yakhe entsha eGoli.
"Okubuhlungu ukuthi ubexoxa nabo (DJ Maphorisa noMpura) ocingweni nasezinkundleni zokuxhumana isikhathi esiningi njengoba bebelungiselela ukuqopha. Bese kusele ukuthi bahlangane ubuso nobuso kuleli sonto uma sebeqopha ingoma yabo.
Uthe indima yomculo ilahlekelwe yithalente ngokuhamba emhlabeni kukaKiller Kau noMpura.
"Abaculi abasafufusa, abafana noBobo, bebesalindele ukuncela ulwazi lomculo nokunye okuningi kuMpura noKiller Kau.“