USAZIWAYO wodumo lweSencane Lengane kuMoja Love ngeSonto ngo-9 ebusuku, uSiyacela Dlamuka, usinde kukubi engozini yemoto enyantisa igazi.
Isolezwe lizibonele ngawalo izithombe ebezithunyelwa nguSiyacela nge-WhatsApp ebantwini asondelene nabo. Imoto iyabonakala ipoqoke iphelile futhi inegazi.
Yize imizamo yokuthola ukuphawula kukaSiyacela ingaphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela kodwa umthombo olwazi ukusuka nokuhlala lolu daba, uthe uSiyacela uvelelwe yile ngozi ngaseBallito, ngoLwesihlanu ebusuku.
"Imoto abehamba ngayo eyi-Polo, ayiqashelwe yiMoja Love, ilimale yaphela futhi naye uphuthunyiswe esibhedlela saseBallito, elimele kabi."
Umthombo uthe uSiyacela akafunanga ukungeniswa esibhedlela, ubalekile.
"Kubonakala ukuthi ukugula kuyamxina. Ubuye waphuthunyiswa esibhedlela sangakubo, iNkonjeni. Nakhona weqile wayohlala ekhaya yize elimele enjalo," kusho umthombo.
Okhulumela iMoja Love, uNonzwakazi Cekete, uthe akakwazi ukuphawula ngoba ubesabambeke emhlanganweni kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela elokhu ethi usazophendula.
Kwenzeka lokhu nje, uSiyacela usanda kuvela kwiMoja Love eshaya umukhwe wakhe, uThabethe. Bagcine sebesongelana.