UKUQONDA nokwamukela ukuthi i-Orlando Pirates ibaluleke ngaphezulu kwabadlali nabaqeqeshi bayo yikhona okuwukhiye ekugwemeni imicabango yokushiywa umqeqeshi okungaba nomthelela ekuphazamiseni leli qembu kwiCaf Champions League, Nedbank Cup nakwiBetway Premiership.
Lokhu kuvumelane ngakho oJose Riveiro, okunguyena lo mqeqeshi ozobona afika ngayo ekupheleni kukaJuni, no-Innocent Maela ongukaputeni kwiPirates kodwa ijezi elimeqa ekhona.
URiveiro noMaela bebekhuluma esithangamini nabezindaba izolo, ngamalungiselelo okwamukela i-MC Alger yase-Algeria kowomlenze wesibili we-quarterfinal yeCaf Champions League namuhla ngo-6 ntambama, e-Orlando Stadium, eSoweto.
Kulezi zinyanga ezimbili ezisele ngaphambi kokuba kusongwe isizini ka-2024/2025, abadlali bePirates banqume ukubeka eceleni konke okuthinta ikusasa lomqeqeshi bagxile kokuphambi kwabo.
“Sonke sibadala ebholeni, ngakho-ke siyaqonda ukuthi izikhathi ezifana nalezi ziyafika yingakho sinqume ukubeka eceleni konke okwenzekayo silwele iPirates kule miqhudelwano esele kuyona,” kusho uMaela.
Nakuba ebemanqika ukuphawula kodwa uRiveiro ukhulume sakunanela kokushiwo yilo kaputeni.
“Okusemqoka kunakho konke ukuthi sonke siqashwe yiPirates enethuba lokusonga isizini isendaweni eyifanele, ngakho-ke kuyaphoqa ukuba sibeke yona phambili,” kusho uRiveiro.
“Kithina sonke akekho ongakwazi okufanele akwenze kulezi zinyanga ezimbili ezizayo ngakho-ke akukho okuzogudluza iPirates esikhundleni sokuba seqhulwini kukho konke esikwenzayo,” kusho uRiveiro.
Njengoba iPirates isevele isithathe isicoco seMTN 8 kule sizini, akufanele isolwe ngokuphupha ngeCaf, Nedbank neligi esele kuyona ngamaphuzu angu-12 kwiMamelodi Sundowns. IPirates isalele emuva kwiSundowns ngemidlalo emithathu.
Ukubuya nomphumela omuhle ekuhambeni kowomlenze wokuqala ngeledlule ngegoli likaMohau Nkota kwenza iPirates iye kowanamuhla ne-Alger ihambela phezulu.
Njengenjwayelo, uRiveiro ukugcizelele ukuthi umdlalo awukapheli nokuyinto athe ubezama ukuyigxisha emakhanda abadlali.
“Umphumela esabuya nawo sesawujabulela saqeda ngakho-ke siqala umdlalo omusha ozokuba nezingqinamba zawo,” kusho lo mqeqeshi.
“Sibhekene nompetha base-Algeria. Lokhu kukodwa kufanele kusenze sime manzonzwane ngoba kukhombisa ubunzima bomdlalo esiya kuwona.
“Nakuba kunjalo sinesibopho sokuqinisekisa ukuthi alishabalali iphupho lethu ngalezi zinkomishi esizilwelayo.
“Ukungehlulwa kwasele kwiChampions League kufanele kusinike izimpiko kanjalo nokuthi sizobe sidlala phambi kwezinkumbi zabalandeli abathi thina,” kusho uRiveiro sakugqolosha.