I-South African Weather Service isaqhubeka nokukhipha izexwayiso zesimo sezulu esingesihle semvula enamandla engadala umonakalo ezingxenyeni ezithile zeKwaZulu-Natal.
Isexwayiso sesimo sezulu sesigaba 5 sikhonjwa kulezi zifunda ezilandelayo: iTheku, iLembe, uMgungundlovu, Ugu, neHarry Gwala.
Isexwayiso sesimo sezulu sesigaba 4 sikhonjwa ezingxenyeni zezifunda zasoThukela, Amajuba, Harry Gwala, uMzinyathi, iLembe, King Cetshwayo, kanye noMgungundlovu.
Umphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi useqinisekise izakhamizi ukuthi amathimba abhekelele izinhlekelele azoqhubeka nokuqapha isimo sezulu.
Imvula iyaqhubeka nokudala umonakalo okubalwa kuwo:
* Ukugcwala kwamanzi emgwaqweni nasezindaweni zokuhlala.
* Ukwanda kwengozi yokulimala kwamabhuloho.
* Ukugcwala kwamanzi emizini yabantu okuzophoqa ukuthi basuswe emakhaya.
* Ingozi yezimoto nokumuka kwabantu ngenxa yamanzi agelezayo.
* Ukuphazamiseka okuqhubekayo kwezinsiza ezibalulekile, okuhlanganisa amanzi nogesi. Izakhamizi ezisezindaweni ezithintekile zelulekwa kakhulu ukuthi zihlale ziqaphile futhi ziqhubeke nokulandela lezi zinyathelo zokuphepha ezilandelayo:
* Hlala endlini futhi ugweme uhambo olungenasidingo.
* Gwema ukuwela imifula nemifudlana egcwele.
* Uma imoto yakho ivaleleka emanzini ezikhukhula, yiyeke ngokushesha futhi ufune indawo ephakeme.
* Qinisekisa ukuthi izinto ezibalulekile ezingaphakathi kwezakhiwo ziyiswa endaweni ephephile.
* Ezindaweni zasemakhaya, qhubeka nokuvikela noma ukuhambisa imfuyo endaweni ephakeme.
* Qaphela kakhulu lapho usohambweni, futhi ugweme ukuhamba uma kungenzeka, njengoba imigwaqo ingase igcwale futhi imigodi ivalwe amanzi.
Umphakathi uyanxuswa ukuthi uhlale ulalele njalo izimemezelo zesimo sezulu futhi ulandele imiyalelo ekhishwa iziphathimandla zendawo kanye nabezimo eziphuthumayo.