IZELAMANI zakwaMbatha, uNomzamo noZamani, zithi sezikulungele ukuthi zibonakale kwisizini yesibili yomdlalo Ushaka-Ilembe okhuza ibuya ngoJuni, kuMzansi Magic. Beziyigxenye yabalingisi abethulwe kwabezindaba ngesonto eledlule.
UZamani uzobe elingisa indawo kaNomahlayane oyindodana endala kaZwide (Wiseman Mncube).
Lo mlingisi waKwaMashu, eThekwini, uthe usekulinde ngabomvu ukuzwa imibono yababukeli ngendawo yakhe njengoba abanye bezomthanda kodwa abanye bezomzonda.
"Okokuqala nje, ngizizwa ngithobekile ngokuthola ithuba lokuba kulo mdlalo. Okungijabulisa ukuthi ngithole ithuba lokuwubuka umdlalo ngesizini yokuqala ngazi ngawo. Ngihlangabezane nezingqinamba ezehlukene ngesikhathi siqopha futhi ngangitsheliwe ngazo kodwa ngoba benginothando ngaqhubeka nokufezekisa iphupho lami.
"UNomahlayane uyena omdala kuyise, uthanda ukulwa ngaso sonke isikhathi. Konke ufuna kuxazululwe ngokuchitha igazi. Uhlezi eseduzane noyise uZwide ngenjongo yokuthi ufuna ukufunda kukhona konke akwenzayo njengoba uma kungenzeka ashone uyena oyothatha intambo," kusho uZamani.
Uveze ukuthi ukubuyela kudadewabo uNomzamo kumsizile emkhakheni wokulingisa futhi uyohlale emhlonipha. UNomzamo okhuza ibuya ezolingisa indawo kaNandi, uthe namanje usababaza indlela amukelwa ngayo ngesizini yokuqala kulo mdlalo njengoba abantu babencoma konke ayekwenza.
"Ngeke ngiqambe amanga, ngangithukile ngoba kwakumele ngibheke izindawo ezimbili ngibe umlingisi ngiphinde ngibe uphrojusa. Kwakuthi uma siqopha nxa sengibona iphutha ngimise konke. Lokho kwangithwesa umthwalo kodwa buka manje sikuphi. Sengikulungele ukuthi abantu baphinde babone ukuthi uNandi uzobhekana nani kule sizini," kuchaza uNomzamo.
Uveze ukuthi umlando abawuhlanganisile bathemba ukuthi uyosiza isizukulwane esizayo okuyomele sazi ngempilo yeSilo uShaka kaSenzangakhona.