SIWUJABULISILE umndeni kamgilwa isinqumo sikamsolwa sokulaxaza isicelo sebheyili ecaleni lokudlwengula eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, izolo.
Umsolwa (24), okuthiwa uyilungu leqembu lemigulukudu, iWest, uvela enkantolo nje, waboshwa ngamaphoyisa ngoMsombuluko wangesonto eledlule, kulandela isigameko sokudlwengulwa kukamgilwa (14).
Sikhuluma neSolezwe ngaphandle kwenkantolo isihlobo sikamgilwa, siveze ukuthi sizwa ukukhululeka emoyeni ngesenzo sikamsolwa.
“Besingakutholi ukuphumula ebusuku. Lolu daba luyawuhlukumeza umoya. Sinethemba lokuthi uyophuma esesesimweni esikahle ngoba sigcina ukumbona wayekhombisa ukuzisola, ekhala kodwa manje useguqukile. Ubuso bakhe abusakhombisi nhlobo ukuzisola uma esibona,” kusho isihlobo.
Sithe banethemba lokuthi nangawo uJuni, icala elihlehliselwe wona, ngeke asifake isicelo.
“Simdinga ehleli ngaphakathi ukuze abangani bakhe nonina bafunde isifundo sokuthi umuntu uma enze into engafanele uyajeza,” usho kanje.
Isihlobo siveze ukuthi unina kamsolwa usalokhu eqhubeke njalo nokubajikijela ngamagama ayiziswana.
“Bathi sikhokhele ngisho nomseshi ngoba sinemali,” kusho isihlobo esithe uke wamhlasela futhi unina wengane ngezikhathi zasekuseni enkantolo ngesikhathi esibona sisodwa, engakafiki amalungu e-EFF avele agcwala inkantolo ukuzomeseka.
IPhini likaNobhala we-EFF KwaZulu-Natal, elibuye libe yinhloko ye-desk yophiko olulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, uNkk Khethiwe Buthelezi, lifanise indawo yaseNtuzuma nesizinda esihlala abadlwenguli.
Ugqugquzele ebebezokweseka umndeni ukuthi kunokuthi baphele amandla, abanxenxe abanye beze ngobuningi uma kuhleli icala enkantolo.
“Asifune bheyili kubadlwenguli. Umuntu akaqale ukuzwa umuzwa wokuhlala ejele engakagwetshwa ngoba uma bekhishwa, baphuma basabise ofakazi ngaphandle,” kusho uNkk Buthelezi.
Uqhube wathi kuyathusa ukuthi umsolwa - amchaze ngengomuntu omusha - afune ukukhula ngokudlwengula.
“Kuyamangaza ukuthi ungathi uno-24, wena usuqala ukudlwengula,” kusho uNkk Buthelezi othe kodwa indlela azikhukhumeze ngayo ngaphathi enkantolo umsolwa, yenza bazibuze ukuthi ngabe ubeqala yini ukudlwengula?
“Akazisoli nhlobo, uyambona yikho-ke silana, sizothi akabhadle (ejele),” kusho uNkk Buthelezi othe basazoqhubeka nokuletha amanye amacala afanayo enkantolo ngoba bayezwa ukuthi maningi kule ndawo.
Umdidiyeli we-EFF kwiNorth Central Subregion, uMnuz Mandla Ngubane, unxuse amalungu eqembu ukuthi angaziphenduli iziwombe zokuchukuluzwa kwawo kanjalo nomndeni kamgilwa ngaphakathi enkantolo.
“Balindeni beze ngaphandle, bese uyangenelela-ke. Sizobabekezelela ngaphakathi kodwa uma sifika ngaphandle, umlilo sizowulwa ngomlilo,” kusho uNgubane.
Ngaphakathi enkantolo umsolwa utshele ummeli wakhe ukuthi ngeke esasifaka isicelo sebheyili.
UMbuso uveze ukuthi usadinga isikhathi sokuthi uqhubeke nolunye uphenyo, olufaka phakathi ukuthathwa kwezinye izitatimende ezibalulekile kuleli cala kanjalo nemiphumela yolibofuzo.
Imantshi ibe isilihlehlisela uJuni 3 ucala, ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
Amalungu e-EFF avele ayigcwalisa phamba inkantolo, abelokhu eziphakamise njalo izingqwebe ebezidlulisa umyalezo wokuthi umsolwa akadingeki emphakathini.
Unina kamsolwa nabafowabo nabo bebekhona enkantolo. Kuthiwa uzame ukuchukuluza elinye ilungu le-EFF ngesikhathi sekuphunywa, emva kokuhlala kwecala.