UKHALE ngamaphoyisa awuhlukumeze phakathi nesonto usenza amalungiselelo omngcwabo, aphinde awuhlukumeza ngisho usungcwaba, umndeni kaMnqobi weqembu lemigulukudu yaseNanda, iWest.
UMnqobi “Hitle Namba 10” Nzimande (24) waseMzomusha, eNanda, ubulawe ngamaphoyisa eVerulam, ngoLwesine olwedlule. Ungcwatshwe ngoMgqibelo, emathuneni aseVerulam, emva kwenkonzo yokumphelezela ebisehholo lomphakathi iRedfern, ePhoenix.
Umzala wakhe, uNksz Nompumelelo Mngoma, elandisa ngeziwombe ezenzeke kusuka ebulewe umufi, uthe baqala bethuswa udokotela wasemakhazeni kahulumeni, ebabuza ukuthi “bazongcwaba nini futhi kuphi?“
“Sazibuza ukuthi ngabe ubuzelani nokuthi ngabe yonke imindeni uyibuza le mininingwane yini uma izothatha izidumbu,” kusho uNksz Mngoma.
Uqhube wathi bathole isiqiniseko sokuthi amaphoyisa ahogela ngezinhlelo zomngcwabo ngesikhathi bethola ukuthi kade esegasele nasemakhazeni azimele ebese beyise kuwo isidumbu sikamufi.
“Nakhona abuze okufanayo,” kubeka uNksz Mngoma.
Uqhube wathi kukhulu kakhulu ukuhlukumezeka okwenziwa ngoLwesihlanu, kubuya isidumbu sikamufi.
“Aqale agasela singakalandwa emakhazeni, abuza ukuthi ziphi izibhamu zikaMnqobi? Akhombe omama ebebehleli emakhandleleni ngezibhamu, ebuza ukuthi siyikhalelelani inja, aze athi kanti nathi siyakwazi ukukhala?” kubeka uNksz Mngoma.
Uthe ngesikhathi sekubuye ebebeye emakhazeni ukuyolanda isidumbu, aphinde abuya, ashaya kwasani, kwabesilisa ebebesesangweni belungiselela ukugeza isidumbu sikamufi amanxeba.
“Kushaywe, kwaze kwashaywa ngisho nobaba wakhe. Umalume wakhe obematasa ehlinza imbuzi yokuqhuba umsebenzi wokugeza amanxeba, naye amshayile, amyekisa ukuhlinza. Akhahlele ibhokisi laze lala ngohlangothi, isidumbu saphumela ngaphandle,” usho kanje.
Uthe abebuza ukuthi “inja igezwa, igezwani?”
Uthe okubaphathe kabuhlungu kakhulu ukusala kwaso silele kanjalo amahora ngamahora emvuleni njengoba umndeni uze wasingenisa ngaphakathi emva kwa-12 ebusuku, silokhu sihlale ngo-7 ebusuku.
Uthe kwamlindelo awubange usaqhubeka njengoba eshaye phansi ngonyawo amaphoyisa, ethi akukho mlindelo “wenja“ ozokwenziwa.
“Bashaye bonke omama abangomakhelwane ebebekhona, bathi ababuyele emizini yabo, kusale umndeni kuphela. Ebebematasa nokushayelela itende, batshelwe ukuthi, akukho tende elizomiswa ngoba awukho umlindelo ozoqhubeka,” usho kanje.
Uthe bagcine benza umkhuleko omfishane, isidumbu sesingeniswe ngaphakathi, maqede bahlala, kwangaba khona mlindelo.
“Abesitshela emehlweni ukuthi ngokomthetho bekufanele sihlale naso size sibole isidumbu, noma sisimbele egcekeni sisigqibe, kuphele kanjalo,” usho kanje.
Ngosuku lomngcwabo uthe bebebaningi ebebezimisele ngokuya enkonzweni yomngcwabo kodwa amaphoyisa ashaya phansi ngonyawo, athi akuyi muntu lapho.
Uthe ngaleso sizathu kugcine kusala ngemuva abantu ebebezongena emabhasini amabili ebebewaqashile, idlanzana lathuthwa yizimoto ezihamba ngebanga ezilikhokhelwe.
“Abesilisa bebengavunyelwe kangangoba ubaba wakhe naye akayethamelanga inkonzo yomngcwabo. Abagcine beza, bacelelwe ukuze bezolekelela ngokubamba ibhokisi, nokugqiba,” kusho uNksz Mngoma, othe nokubacelela kube wumzukuzuku njengoba abebatshela ukuthi abazenzele bona.
“Uma sifika emathuneni kwathiwa asisheshise sigqibe.”
Uthe emathuneni abenqaba ngisho ukuthi benze umkhuba wokuphonsa inhlabathi, bathi bayathandaza, abayekisa, ebabuza ukuthi “ubethandaza yini umufi?”
“Sihlukumezekile siwumndeni. Asikwazanga ukumphelezela ngendlela ebesifisa ukuphelezela ngayo, ngisho nanemikhuba egcinwayo uma kushone umuntu, asikwazanga ukuyenza,” kusho uNksz Mngoma.
Unina kamufi, uNksz Fundisile Nzimande, unanele kokushiwo uNksz Mngoma, wathi uhlukumezeke kakhulu.
“Kusiphathe kabi ukuthi noma eseshonile ke umntwana, besikhona yini isidingo sokuthi sihlukunyezwe njengomndeni?” kusho uNksz Nzimande.
“Ngikhuluma njengomzali. Akekho umzali ovuna ingane uma yenza okubi. Wonke umzali usuke efuna ukuthi ingane ibe nekusasa elihle,” kusho yena.
Uthe lokhu okukhulunywayo bona abakwazi kodwa abamphikeli ngoba abazazi izinto abezenza emakhoneni, wathi bebazi ukuthi ubeyingxenye yeqembu lemigulukudu, bamkhuza.
UNksz Nzimande bebethi uma bembuza ngalokhu obekushiwo ngegama lakhe, aphike athi akayazi le nto eshiwo ngaye.
Umchaze njengomntwana obevame ukuzithulela, ekhonze ukuhleka bese eba nenqwaba yabangani.
Umakhelwane, uNksz Jabulisile Ngidi, naye uhambe emazwini omndeni ethi bayezwa nje kuthiwa ubeyinkinga, bona bamazi eyingane ezilungele.
“Mina nginesitolo ngiyadayisa, bengikhululekile, ngazi ukuthi ngiphephile. Siyadideka uma kuthiwa umphakathi uyakhala ngoba asimazi ewuhlupho thina uMnqobi, ingane le ekhule phambi kwethu,” kusho uNksz Ngidi.
Amaphoyisa awaphefumulanga ngalolu daba, kepha iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba lithe abomthetho bebegwema ukuthi kugcine kunesimo esingalawuleki sokuqhunyiswa kwezibhamu nokushiswa kwezimoto ezebiwe uma kufe isigebengu.