UBUHOLI obusha be-ANC Youth League (ANCYL) KwaZulu-Natal buthi buyaseseka isinqumo sokuhlela kabusha ubuholi be-ANC esifundazwe.
Ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal bulengelwa yizembe njengoba i-ANC kuzwelonke ithathe isinqumo sokuthi kufanele buhlelwe kabusha.
Lesi sinqumo sithathwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu kwi-ANC muva nje.
USihlalo omusha we-ANCYL KwaZulu-Natal, uMnuz Ntokozo Ngcobo, uthe bayaseseka isinqumo sesigungu esiphezulu.
Ukusho lokhu emva kokuqokwa kwakhe engqungqutheleni ebiseThekwini.
Ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal naseGauteng buzonyakaziswa ngenxa yokuthi inhlangano yashaya udaka kuzona zombili lezi zifundazwe ngesikhathi kunokhetho lwangonyaka owedlule.
Muva nje, bekunomhlangano wekomiti elibhekelele ukusebenza kwansuku zonke kwi-ANC, lapho kwenziwe izethulo zokuthi buzohlelwa kanjani kabusha ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal.
Isinqumo sokugcina ngokuhlelwa kabusha kobuholi baKwaZulu-Natal sizothathwa emhlanganweni wesigungu esiphezulu okungakaqinisekiswa ukuthi uzokuba nini.
Abanye abaholi abakhethiwe engqungqutheleni ye-ANCYL, uNksz Lulama Mabude kwesikaNobhala, Nksz Phindile Mdanda kwesePhini likaSihlalo, Mnuz Siyabonga Mzenda kwesePhini likaNobhala noMnuz Siphelele Masulu kwesikaMgcinimafa.
Ingqungquthela yokukhetha ubuholi ibibanjelwe eThekwini ngempelasonto, iqale sekwedlule isikhathi ngenxa yobuhixihixi ekubhalisweni kwezithunywa.
Ingqungquthela kwakukade kuhlelwe ukuthi izoqala ngoLwesihlanu kodwa yaze yaqala ngeSonto ebusuku.
Bese kunesikhathi eside i-ANCYL KwaZulu-Natal ingenabo ubuholi obukhethwe engqungqutheleni kulandela ukuhlakazwa kobabukhethwe engqungqutheleni yango-2017.
UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, uncome izithunywa ngokuziphatha kahle.
UMtolo unxuse ubuholi obusha be-ANCYL ukuba bubeke phambili izinkinga zabantu abasha.
“Abantu abasha babhekene nezinkinga okubalwa kuzo ukungasebenzi, ukungawatholi amathuba omnotho kanye nawezemfundo. Izinkinga ezibhekene nabantu abasha zidinga ubuchule.
“Ubuholi be-ANCYL kufanele buqhube imikhankaso, buphinde buqhamuke namaqhinga okunqoba lezi ngqinanga ezibhekene nentsha. Sifuna ukuthi ubuholi obusha busebenze ngokuzikhandla.”
UMtolo uphinde wanxusa ubuholi obusha ukuba bungabi amavaka.
“Silindele ubuholi obungasabi lutho obuzolwela ukuba kube noshintsho kwezomnotho, kuphinde kuthuthukiswe abantu abasha. Siyazibophezela ekwesekeni ubuholi obusha.”