KUSINDA kwehlela kumsakazi woKhozi FM, uSiyabonga "Siya" Mhlongo, njengoba kuvela ukuthi owesilisa okuthiwa ubeyisinqandamathe sakhe uyenqaba ukwesula icala lokushaya, amvulela lona eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Isolezwe lithole ngemithombo yalo ukuthi sekuhluleke ngisho nezigwili zincenga ummangali ukuba asule icala kodwa kunhlanga zimuka nomoya. Uthi azilime ziyetsheni.
Njengoba uSiya (40) abebuyele enkantolo ngoMsombuluko, icala lakhe liphinde lahlehlela u-Ephreli 25, ngenxa yokuthi uMbuso uthi awukakakulungeli ukuqulwa kwalo, okwenza ikusasa lakhe lingacaci oKhozini njengoba lo msakazo umatasatasa nokuhlelela izinguquko eziqala ngo-Ephreli 1.
Kuke kwavela izindaba zokuthi lo msakazi uke wanikela emahhovisi akwa-SABC eThekwini, ngenhloso yokucela ukubuyiselwa emoyeni kodwa abaphathi boKhozi bashaya phansi ngonyawo, bathi udaba lwakhe luyoze lumunyungwe kahle uma sekuphele icala abhekene nalo.
USiya ubevele phambi kweMantshi uMhlonipheni Sibiya nomshushisi uShenaaz Hoosen. Imantshi ikuvezile ukuthi leli cala selihlehla okokugcina.
Lo msakazi ungaphandle ngesexwayiso ngenxa yezinsolo zokushaya alimaze kabi umlisa (29) okuthiwa wayeyisoka lakhe ngesikhathi bephuma endaweni yokucima ukoma, lapho uSiya ayegubha khona usuku lwakhe lokuzalwa. Ngaphambilini, inkantolo yaguqa ngenxa yokuthi kwakusaqoqwa izitatimende ezeseka ubufakazi bommangali nommangalelwa.
UHoosen watshela uSibiya ukuthi leli cala ubona kukuhle ukuba lihlehle ngoba basadingida udaba lokuthi lidlulele esigabeni esandulela ukuqulwa kwalo.
Icala labe selihlehliselwa uMashi 5. Kuke kwavela izindaba zokuthi lo msakazi uke wanikela emahhovisi akwa-SABC ngenhloso yokucela ukubuyiselwa emoyeni kodwa abaphathi boKhozi bashaya phansi ngonyawo, bathi udaba lwakhe luyoze lumunyungwe kahle uma sekuphele icala abhekene nalo.
USiya ume esakaza uhlelo Ubusuku Obuhle olungena ngo-8 ebusuku, phakathi nezinsuku. Ngaphambilini, okhulumela i-SABC, uMmoni Seapolela, waveza ukuthi uSiya uyena owazicelela ukuhoxa ekusakazeni lolu hlelo. Uhlelo lwakhe seluphenduke ubhandemtshelekwane njengoba lushayelwa abasakazi ebehlukene.
Lo msakazi ungowokuqala ukuba asakazele uKhozi neMetro FM kanyekanye. Uqale ukuzakhela udumo esakaza kwiGagasi FM eminyakeni eyedlule.
Kuleli cala uSiya umelwe nguSkhumbuzo Mathabela ophinde abe ngomunye wabefundisi abaziwayo KwaZulu-Natal.