NOKUBONGWA PHENYANE
KUJABULE abaningi ngemva kokuthi umculi u-Amanda Black, ephike izinsolo zokuthi wake wadlwengulwa ngumculi waseBergville, uSjava.
Lezi zindaba zisabalale ezinkundleni zokuxhumana ngoMsombuluko ekuseni, ngemuva kokuthi enkundleni yokuxhumana ekhasini lika-IG:Joy-Zelda kufakwe i-vidiyo ebikhombisa u-Amanda ekhala wathi:“U-Amanda Black uvele wakhala esiteji ngesikhathi ecula, ecabanga ukuthi wamdlwengula kanjani uSjava.”
Lokhu kudale ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana njengoba kuvele nabanye bethi bayalwazi lolu daba.
Abanye bebemile ekutheni uSjava unebhadi ngokuhlala esolwa ngalezi zigameko zalolu hlobo ezingamfaneli.
U-Amanda Black osanyamalele emculweni ukuqede konke ukukhuluma obekukhona ngoba ubhale emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana ukuthi asikaze senzeke isigameko esifana nalesi.
“Sanibonani nonke, uSjava akaze angihlukumeze ngokocansi. Angazi ukuthi lezi zindaba zivela kuphi kodwa azilona iqiniso futhi aziveli kimi,” kubhala u-Amanda.
Ukucacisa kwakhe lezi zindaba kulethe injabulo kwabaningi abangabalandeli bakaSjava abasole ukuthi kukhona umuntu othenga abantu abadumile ezinkundleni zokuxhumana, ukuthi bangcolise igama lomculi.
U-@Mathobelasbongs uthe:“Susani phela lokhu enikubhalile enkundleni i-X ngoSjava angithi la mahemuhemu seliphumile iqiniso ngawo? Nibolile kabi nina.”
U-@Annonza uthe:“Ngeke ngibe nokumangala ukuthi yonke le ndaba ka-Amanda Black, noSjava iqalwe nguLady Zamar”.
U-@Sakhumuzi uthe: “Ngaso sonke isikhathi uma uSjava eqala ukukhuphuka, sizobona sekuvela izinsolo zokuthi kukhona amdlwengulile. Hhayi man iyacasula le nto.
USjava akaze athi vu ngalolu daba selokhu luvelile njengoba ngisho esolwa nguLady Zamar akazange akhulume lutho kakhulu ngaphandle kokuveza ukuthi yena ngokwakhe babethandana akukaze kube nesimo esenzeka esithinta ucansi bengavumelananga.