PHEZU kokuba ebekwe endlini yakhe yokugcina ngeSonto, uMnuz Lucky Maphalala obulawe ngesihluku waphonswa edamini eBergville, KwaZulu-Natal, muva nje, kepha akuvumi ukuba umndeni wakhe wamukele okumehlele.
UMaphalala (35) ubengunesi esibhedlela i-Emmaus e-Oliviershoek, esiFundeni uThukela, ubulawe esigamekweni okusolakala kuso ukuthi bekudunwa imoto yakhe ayehamba ngayo.
Ngokusho kukadadewabo uNksz Thuli Maphalala, elandisa Isolezwe, bamthole elinyazwe kabuhlungu ekhanda.
“Ngesikhathi simthola edamini, isimo sakhe sasingesihle. Kukhona abamshaya ngakho ekhanda. Wayevuvukele nasentanyeni kukhona ababemklinye ngakho,” kusho uNksz Maphalala.
Uthe njengoba-nje aduka kwakumele ayolanda unkosikazi wakhe esikhungweni sezokushayela.
“NgoMsombuluko wayengasebenzi futhi nomkakhe wayeye esikhungweni sokufundela ukushayela izimoto. Wathembisa ukuthi uzoyomlanda kodwa wagcine engafikanga njengoba wathi khona la aphuthuma khona nomalume wakhe kodwa uzoqala ekhaya ebese beyahamba.”
“Umkakhe waze wafika ekhaya, wathola amawindi evuliwe, umnyango uvuliwe futhi nomsakazo ukhalela phezulu. Okwammangaza ukuthi wafica umalume lo ayethe bazohamba naye, wathi uma embuza ukuthi uke wambona yini, umalume wathi cha kodwa uzwe umsindo wokuvaleka kwegaraji. Wayelokhu emshayela ucingo ebona kushona ilanga engabuyi waze wagcina esezumekile,” usho kanjena.
Uthe ngokubona izinsuku zihamba bagcine sebeshayela inkampani ye-tracker yemoto ukubheka ukuthi ngabe uhambe washonaphi.
“Imoto yatholakala edamini uma beyibheka ngohlobo lwezobuchwepheshe futhi nabanye abambona bathi yase ingashayelwa wuyena, ishayelwa ngomunye. Bekungesiso isigameko sokuqala eduka njengoba ngelinye ilanga samthola ezintabeni imoto yakhe isiduniwe kodwa yagcina itholakala komunye umuzi egaraji isikhishwe i-number plate. Watholakala edidekile edliswe izidakamizwa,” usho kanje.
Uthe kubalimaze kakhulu ukulahlekelwa nguye njengoba bekunguyena ebese bethembele kuye. Uthe uyena obesebenza kahle futhi ubesiza ugogo wabo kakhulu.
Okhulumela inhlangano yamanesi i-Democratic Nursing Organisation of South Africa (Denosa), KwaZulu-Natal, uMnuz Andile Mbeje, uthe lesi sehlakalo sibashaye kabuhlungu.
“Siyakhala kakhulu ngoba abahlengikazi bavele bayashoda futhi iningi lomphakathi ngeke lisabathola ngokwanele. Lesi akusona isigameko sokuqala njengoba nyakenye kwabulawa omunye esifundeni sasoZwathini owadutshulwa,” kusho uMbeje.
Uthe bacela uhulumeni aseke ngokwengqondo abahlengikazi abebesebenza noMaphalala futhi uhulumeni usebenzisane namaphoyisa ukuhlonipha abahlengikazi namakhosi ezindawo nawo awabambisane nomphakathi ukunqanda izihlava ezikanje.