UMUNWE ukhonjwa ekuntengantengeni kwezobunhloli emaphoyiseni akuleli, ngokudlanga kwezigameko zokubanjwa inkunzi kwezimoto ezithwala imali.
Muva nje, kubonakala ziqala phansi izigameko zokugetshengwa kwalezi zimoto, lapho izinswelaboya ziqhumisa izimoto zikhale zemuke nezishaqane zemali.
Cishe alipheli isonto ingabanjwanga imoto ethwala imali. Isehlakalo sakamuva senzeke ngoLwesibili, lapho kubanjwe enye imoto yemali eNhlungwane eDumbe.
Esinye isigameko esibe undabuzekwayo, esenzeke ngo-Ephreli 1, lapho imoto yemali ibanjwe emgwaqweni uM25 (KwaMashu Highway), phakathi kweDuffs Road neKwaMashu Cross Roads.
Abasolwa abalinganiselwa ku-12, ababehamba ngezimoto ezimbili, behlome bephelele badumisa izulu lezandla, bephoqa imoto yemali ukuthi ime.
Behlisa onogada ngenhlamvu emotweni babaphuca izibhamu, kubona kwalimala abathathu.
Baqhumisa ngeziqhumane lapho okuvalelwe khona imali bayisavuna, ngamakesi ebekwa ngawo, beyithuthela ezimotweni ababehamba ngazo, maqede baqhelisa abashayeli ababemi endleleni yabo yokubaleka.
Isigameko esandulela leso senzeke KwaCaluza eMgungundlovu ngoMashi 28, lapho abasolwa babhomba imoto yemali emgwaqweni u-Edendale, ngasegaraji iBP, ngabo-6 ntambama. Kulesi sigameko balimaza unogada oyedwa, babaleka nesamba semali.
Ngokwama-rekhodi amaphoyisa akamuva, iKwaZulu-Natal izihola phambili ezinye izifundazwe ngezigigaba zokubanjwa inkunzi kwezimoto zemali. Ilandelwa iGauteng.
Umthombo weSolezwe osebenza ophikweni lwezobunhloli emaphoyiseni, ongeke uvezwe, uthe lezi zigameko zandiswa ukuthi iziphathimandla zamaphoyisa zivele zanqamula imali ‘okubongwa’ ngayo abaziphilisa ngokupotshozela amaphoyisa ulwazi ngezinhlelo zezigilamkhuba ezibamba lezi zimoto inkunzi.
“Lolu, wuhlobo lwabantu abasuke bephuma khona ebugebengwini bokubanjwa kwalezi zimoto inkunzi. Basuke bengasafuni ukuzibandakanya nalolu hlobo lobugebengu, bese benika amaphoyisa ulwazi olungawasiza ukuze abambe abasaqhubeka nalo mkhuba,” kusho umthombo.
Uthe ngesikhathi kusathule ngokubanjwa kwalezi zimoto, bebekhokhelwa abaputshuzi, kodwa kwathi kungazelelwe, iziphathimandla emaphoyiseni, zayinqamula imali abebebongwa ngayo.
“Iphakathi kukaR80 000 noR100 000 imali ebinikwa laba bantu ngamunye. Futhi ibibagculisa ngoba bekuyimali ebebeyithola ngendlela eyiyo, bayidle bekhululekile, ingafani nale yokubamba inkunzi abayidla bejeqeza. Manje uma bengasayitholi, bayayeka phela ukuletha ulwazi ngoba akekho umuntu ofuna ukubeka impilo yakhe engcupheni, engeke athole ngisho isenti,” kusho umthombo.
Uthe iziqhumane ezisetshenziswayo, imvamisa zisuke zithathwe emazweni angaphandle afana noDRC, lapho okusuke kuqhubeka khona izimpi.
Ezichaza lezi ziqhumane, uthe zenza umsebenzi omkhulu ngomzuzwana nje njengoba zikwazi ukuqhumisa indawo egcina imali, okwaziwayo ukuthi yakhiwe ngezinto okungelula ukuziqhumisa.
“Imali ihlala obala ngomzuzwana, bayithathe yonke, babaleke nayo,” kusho umthombo.
Uthe abakutholayo ukuthi ubugebengu bokubanjwa kwalezi zimoto, buhlelwa, buhlanganiswe abantu abalinganiselwa ku-20. Umuntu ngamunye uyasho ukuthi yena uzobamba liphi iqhaza.
“Omunye uvolontiyela ukuhlinzeka ngezimoto okuzosetshenzwa ngazo, omunye athi uzoza nezibhamu, omunye eze neziqhumane, njalo njalo,” kusho umthombo.
Udalule nokuthi kulesi sibalo kuvame ukuthi kube khona amaphoyisa (azibandakanya nobugebengu), amasosha (aqeqeshelwa ukusebenzisa iziqhumane) nonogada (bangaphakathi ezinkampanini zezimoto zemali).
Ukuqinisekisile ukuthi impela izinswelaboya zinayo indlela yokuyigeza imali esuke ithelwe u-ink, wathi ziyigeza ngekhemikhali ethize, nayo abayithola kwabayikhiqizayo kuleli kanjalo nasemazweni angaphandle.
Uveze ukuthi abasolwa abenza lolu hlobo lobugebengu, baphambili kakhulu ngolwazi njengoba besuke benazo zonke izinsiza ezenza ukuthi babenze ngempumelelo ubugebengu.
“O-ova abaxhunywe kwi-system yamaphoyisa nabo banabo. Uma sebubikiwe ubugebengu bokubanjwa kwemoto, bawuzwa wonke umnyakazo wamaphoyisa, asuke esegijima eya endaweni yesehlakalo. Lokhu kubasiza ukuthi bazi ukuthi njengoba bebaleka, yimiphi imigwaqo okufanele bayigweme ukuze bangazitheli phezu kwamaphoyisa,” kusho umthombo.
Umthombo uqhuba uthe babanemishini ejamisa i-network ingasebenzi kuwo wonke amaselula asuke ekuleyo ndawo.
"Lokhu kulekelela ekutheni, kube nzima ukuthi asebebone isigameko basibike ngaleso sikhathi sisenzeka."
Udalule nokuthi kuyiwa ezinyangeni ngaphambi kokuthi kubanjwe inkunzi lezi zimoto, kuyohlalwa noma yisonto lonke, kudliwa umuthi, izibhamu ezisuke zizosebenza nazo zichelwa ngemithi, izinhlamvu zicwiliswe emithini.
“Ngisho nezimoto okusuke kuzohanjwa ngazo uma sekuyobanjwa inkunzi ziyachelwa ngamakhathakhatha,” kugobhoza umthombo.
Uthe okunye okwenzekayo ukuthi akuvele nje kuvukwe kuthiwe kuyobanjwa imoto yemali inkunzi, siyaphela isikhathi esingangamasonto amabili kuya enyangeni, ibukwa nje.
“Basuke befunda wonke umnyakazo wayo njengokuthi ihambela ziphi izitolo, iqoqa imali kwezingaki, ihamba kumiphi imigwaqo, njalo njalo. Abamane bayibhozomele nje. Lokhu bakwenzela ukuthi bangaqhumisi imoto engenamali,” usho kanje.
Ongumcwaningi wezobugebengu, uNkk Mary de Haas, uthe kuyiqiniso ukuthi abaputshuzi abasakhokhelwa, wathi yena lolu lwazi uluthole ngesikhulu samaphoyisa ezingeni likazwelonke.
“Bakhipha ulwazi oluyiqiniso, oluwusizo kodwa abakhokhelwa ngalokho. Akekho-ke umuntu ofuna ukubeka impilo yakhe engcupheni mahhala,” kusho uNkk De Haas.
Uthe ingcabha isala nezobunhloli emaphoyiseni ngokwanda kwalezi zigameko njengoba kufanele kubuzwe umbuzo wokuthi kwenzeka kanjani ukuthi izigebengu zikuhlele zize zikuqede ukubamba inkunzi izimoto zemali, kungekho muntu emaphoyiseni otholayo ngalokho.
“Ezobunhloli azisebenzi nhlobo. Isiteshi nesiteshi samaphoyisa kufanele sibe nawo amaphoyisa ambalwa alolu phiko. Bese wona eba nabaputshuzi bawo, abavikelwayo, abakhokhelwayo ngolwazi abalulethayo,” usho kanje.
Uthe inkinga yesibili edala zingapheli lezi zigameko ukuthi onogada abaqashwa ilezi zinkampani ababhekisiswa ngesikhathi beqashwa.
“Kusuke kufanele bahlolisiswe ukuthi njengoba bejoyina izinkampani, beze ngani ngoba abanye babo, bangena njengabantu abafuna umsebenzi ekubeni besuke beyizigebengu ezifuna ukwazi kabanzi ngokuthuthwa kwemali ukuze zenze umshikashika wazo ngempumelelo,” kusho uNkk De Haas, othe lokhu ukusho ngoba kuye kwenzeke kwezinye izigameko, kuvele ukuthi bayandakanyeka nabo.
Uthe ukubanjwa kwalezi zimoto zinemali ngaphakathi, kusobala ukuthi izigebengu zisuke zinolwazi olugcwele ngazo, wathi kusala umbuzo othi, ziluthathaphi lolu lwazi olushaya emhloleni?
Wenze isiphakamiso sokuthi kungasiza ukujutshwa kophiko lwamaphoyisa iNational Intervention Unit (NIU) ukuba lukhaphe lezi zimoto uma zihambisa imali.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe izinsolo zokuthi kukhona abaputshuzela amaphoyisa ngezinhlelo zokubanjwa kwenkunzi lezi zimoto abangasakhokhelwa, kuyizinsolo amaphoyisa angenalwazi ngazo.
“Ukube laba baputshuzi abasekho, amaphoyisa ngabe awakwazi ukuthola umkhondo oyiwo ngabasolwa,” kusho uNetshiunda.
Uthe abasolwa ebebeyamaniswa nezigameko zakamumva zokubanjwa kwezimoto ezithwala imali esifundazweni, badutshulwe babulawa eRidgeview ngeledlule.
“Oyedwa wabo ubengungqondongqondo ngokubanjwa inkunzi kwezimoto zemali ezigamekweni ezenzeka eNingizimu Afrika yonke. Eziningi izigameko zokubanjwa kwalezi zimoto inkunzi bezivinjwa amaphoyisa zingakenzeki ngolwazi alunikwa abaputshuzi,” kusho uNetshiunda.
Ugcizelele ukuthi izinsolo ezishiwo umthombo nomcwaningi wezobugebengu azilona iqiniso, azinasisindo futhi zicdicilela phansi isithunzi samaphoyisa.
Khona manjalo, kuvele izindaba zokuthi inkampani iG4S ilidayisele i-Izi Africa ibhizinisi layo lokuthutha imali.
Abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana bakuhlaziye lokhu njengesinyathelo esiphusile sokuchitha ibhizinisi elihaqwe yizinkinga njengoba kwanda izigameko zokubanjwa kwalezi zimoto inkunzi.
UMark Frinke uthe leli bhizinisi lisengcupheni eNingizimu Afrika, izimoto zemali zibanjwa inkunzi nsuku zonke.