ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini siqinise izinhlaka zobukhosi ngokuqoka abazophatha izikhundla ezibalulekile eNdlunkulu.
ISilo siqoke uMntwana uThulani Zulu njengomkhulumeli waso neNdlunkulu, saphinde saqoka iNkosi uZuzifa kaMangosuthu Buthelezi, njengosihlalo womkhandlu waseNdlunkulu.
La baholi baqokwe ngokusemthethweni, izolo.
UMntwana uThulani ukhuza ibuya kwesokukhulumela iMbube, njengoba waqala ukuphatha lesi sikhundla ngo-2012, ngesikhathi kusabusa iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu. Waqhubeka nokusiphatha ngesikhathi kungena iNdlulamithi yamakhosi esihlalweni ngo-2021, waze washiya ngo-2022.
UButhelezi oyindodana kandunankulu kaZulu ongasekho, inkosi Mangosuthu Buthelezi, yena uke wamataniswa naso isikhundla sikandunankulu kaZulu ngaphambilini.
UMntwana uThulani noButhelezi kuthiwa bazosebenza nomeluleki weSilo, uMnuz Sibongiseni "Mageza" Mbambo, emisebenzini yabo emisha.
Esitatimendeni, iHhovisi leSilo lithe libheke lukhulu kulabaholi.
"Lesi yisikhathi esimqoka eNdlunkulu kaZulu. Ukuqokwa kwabaholi kusho ukuthi uthatha elinye igxathu umbhidlango wokuvuselela nokuqiniswa kwezinhlaka zobukhosi bukaZulu. Laba baholi banikezwe umsebenzi obalulekile wokuqinisekisa ukugcinwa kwesithunzi sobukhosi, ubumbano kanye namasiko. Kubhekwe ukuthi baqinisekise ukugcinwa nokuthuthukiswa kwefagugu likaZulu."
UMntwana uThulani noButhelezi bathe kubajabulisile ukuqokelwa ezikhundleni abaziphethe.
"Ukuqokwa kwabaholi kukhombisa ngokusobala ukuthi iSilo sizimisele ukuqinisa izinhlaka zobukhosi kanye nokwenza isiqiniseko sokuthi izinhlaka zobukhosi zisebenza ngendlela," kusho uMntwana uThulani.
UMntwana uThulani noButhelezi bathe bazokuba nesithangamai nabezindaba maduze lapho bezochaza khona kabanzi ngomsebenzi abawunikeziwe.
Kusukela uMntwana uThulani ashiya kwesokukhulumela iMbube, babili asebebambe lesikhundla.
Ngesikhathi kushiya uMntwana uThulani, kwaqokwa uMntwana omkhulu wasoNkweni, u-Africa Zulu.
UMntwana u-Africa waxoshwa kwaze kwakabili kulesi sikhundla. Waxoshwa okokuqala ngo-2023, wabuye wabuyiswa. Ube esexoshwa okwesibili ngonyaka owedlule.
Emva kokuxoshwa kukaMntwana u-Africa, kwabe sekuqokwa uMntwana uSimphiwe Zulu, yena oxoshwe ngasekuqaleni kwalo nyaka.
UButhelezi yena kuyaqala ukuba aqokelwe esikhundleni eNdlunkulu.
Ngo-2023, kuke kwanamahlebezi okuthi uzoqokelwa kwesikandunankulu kaZulu, kodwa sameqa lesi sikhundla njengoba kwaqokwa uMfu Thulasizwe Buthelezi.
Muva nje, bekunamahlebezi okuthi uzoqokelwa kwesikandunankulu kaZulu njengoba kungekho osiphethe njengamanje.