UMPHATHISWA wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, ufuna amaphoyisa angathetheleli kubashayeli abazothokakala bephuzile njengoba kuyiwa kwiPhasika ngempelasonto.
UDuma uzibophezele ekusebenzisaneni nophiko lwezokuShushiswa koMphakathi ukuze abatholakala beshayela bephuzile bagwetshwe iminyaka eyisithupha bebhadla ejele.
Lokhu kuvezwe wumkhulumeli wakhe, uMnuz Ndabezinhle Sibiya, ngesikhathi ekhuluma kwiSA FM.
“Uthe asikwazi ukubonisana nezidakwa. Akafuni iKwaZulu-Natal ibe nesandla ezibalweni zikazwelonke zabafela emgwaqweni,” kusho uSibiya.
Uthe ngale kophiko lwezokushushisa abasebenza nalo, kukhona abazimele nobuchwepheshe obukwazi ukubona imoto engekho sesimweni sokuba semgwaqweni nokuthi umshayeli akaphuzile yini.
Uqhube wathi ngempelasonto, balindele ukuthi kudlule izimoto ezilinganiselwa ku-1 500 ngehora kuma-tollgate esifundazwe. Ngenxa yokwanda komthamo kuzokwandiswa namaphoyisa azotshalwa emgwaqweni. Uveze ukuthi angu-837 akwaRoad Traffic Inspectorate azonkanisa ezindaweni ezahlukene ehlola izimoto zabavakashi namakholwa ukuthi zisesimweni yini.
IPhini likaNgqongqoshe wezokuThutha, uMnuz Mkhuleko Hlengwa likhuluma ne-SABC izolo, kwethulwa umkhankaso wezokuphepha e-Eastern Cape, lithe abashayeli abangaphuzi bese bengena ezimotweni.
"Abashayeli abaphumule, bangahambi amabanga amade. Akungasetshenziswa amaselula uma kushayelwa. Amaphoyisa azobe enkanise emigwaqweni yakuleli njengoba sijube namaphoyisa kazwelonke ukuqapha isimo."