ININGI labalaleli boKhozi FM lisafuna uLinda Sibiya noNgizwe Mchunu babuyele kulo msakazo.
Yize kunjalo futhi uLinda esafisa ukuqhubeka lapho egcine khona kodwa uNgizwe uphumele obala wathi usethi khumu ngoba ufuna ukudedela ikhono elisha. Uthi akufuna oKhozini imali akweletwa yona enguR600 000 bese elokhu evakashela esengingqongqoshe.
Ezinye izindaba ezikhulunyelwa phansi ngezokukhonjwa kukaXola Dlwati kuMetro FM. Lo msakazi owaduma kuKaya FM kuthiwa uzogudluza uSentle Lehoko kwiLove Movement, osolwa ngokuxegwa yizicathulo zika-Eddie Zondi kwiRomantic Repertoire eyaqalwa wuRomeo Khumalo.
UThando Thabethe kuthiwa uhleli ngesinqe esisodwa kwi947 njengoba eqina amahlebezi okuza kukaDJ Fresh kulo msakazo.
Imbazo iyazulazula kwiRadio 2000 njengoba ziqina ezithi u-Unathi Nkayi uselufakile unyawo lokuqala kulo msakazo. Ngakho kukhona abangasahlalisekile
Ningathini ngalezi zinguquko?