KUYASUKA lokho ngezinguquko ezinhlelweni zeziteshi zomsakazo ezingaphansi kwe-SABC nakwiGagasi FM okuyinto okubhekwe ukuthi izoqala ukuzwakala emoyeni kusuka ngo-Ephreli 1.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, seziqalile ukuphuma izincwadi zokumema abasakazi ukuthi kubhungwe ngezinkontileka ezintsha.
"Noma ngingakayitholi mina kodwa kuthiwa seziyaphuma izincwadi," kusho umthombo osebenza kwesinye seziteshi kwaSABC.
KwiGagasi nakhona kuthiwa kuyasuka lokho. Omunye wabasakazi uthe naye akakayitholi incwadi kodwa uzwile amahlebezi.
Kuthiwa akukho okutheni okulindelekile ngezinguquko khona.
Kulezi zingxoxo yilapho nomsakazi efike ethole khona ukuthi uyahlala yini ohlelweni abelwenza noma usezofakwa kolunye.
KuKhozi FM kulindeleke ukuthi kuqinisekiswe ukuthi ubani ozothatha ngokugcwele uhlelo olusale kushiya uMandla "Njinji" Magwaza. UNjinji usule ngoDisemba ethula Ukhozi FM Top 30 ngoMgqibelo.
Kubhekwe nokuthi kucace ngokuthi uThembeka Zondo-Cele usezoluthatha ngokugcwele yini uhlelo i-Eshilo alubamba kusuka uZanele Mbokazi ehlatshwa ukugula okwagcina kumenele.
Kulindeleke ukuthi abalaleli baphinde bakhanyiseleke ngohlelo Ubusuku Obuhle olubanjiswa abehlukene kusukela uSiya Mhlongo ahoxa kulo. USiya wahlala ekhaya kulandela ukuvulelwa icala lokushaya owesilisa alihambayo eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Ngesikhathi kumenyezelwa izinguquko nyakenye, owayengumphathi wezinhlelo ngaleso sikhathi uPearl Maseko-Bhinqose waveza ukuthi uTshatha Ngobe uzobamba kwiSigiya Ngengoma kulandela ukushona kukaBheka Mchunu ngenxa yokugula.
Okhulumela iGagasi FM uKhulekani Shandu uthe uke wayibona i-email ekhuluma ngomhlangano mayelana nezinhlelo ezintsha.
“Noma ngingeke ngithi sekuqaliwe ngezingxoxo kodwa kuye kube nemihlangano bengakabizwa abasakazi kubhekwe ukuthi unyaka uhambe kanjani. Umhlangano wokuqala wezinhlelo ubungakahlali kodwa ngiyibonile i-email noma ngingasakhumbuli kahle. Akusiyo into engingathi izoba kusasa,” kusho uShandu.
Uthe bahlela ukuthi izinguquko ziqale emoyeni ngo-Ephreli 1 “ngaphandle uma kuba nezimo ezingaphezu kwamandla”.