UKUQONDA ukuthi ziningi izinkinga ezibhekene nabagibeli bezithuthi zomphakathi, ngenye yezinto ezenza omunye wabashayeli bamatekisi aseNewcastle, enyakatho yeKwaZulu-Natal, wathola indlela yokwenza bahlale befisa futhi bekujabulela ukugibela itekisi alishayelayo kunawabanye.
Lowo wuMnuz Siyabonga “Bonga” Ximba, oshayela itekisi elisuka elokishini iMadadeni eliya eNewcastle, osebe nedumela ezinkundleni zokuxhumana, kusabalala ama-video akhe eqhulula amancoko namahlaya, okubonakala kuyinto ewajabulisa kakhulu amakhasimende akhe; abagibeli.
Ama-video akhe avame ukuqoshwa ngabagibeli abasuke bechazwa yindlela abonga ngayo uma imali yokugibela, uma sebekhokhe bonke, ayibiza ngokuthi wumnikelo ozobasiza bangene izulu uma beqhubeka kanjena. Kwamanye ama-video uzwakala encokolisa owesilisa nowesifazane abasuke begibela etekisini lakhe, ebancokolisa ngokuthi bafanelene, nokuthi benze isinqumo esihle ngokugibela itekisi lakhe, bayeka amanye.
Exoxa neSolezwe, uXimba (42) osekuyiminyaka engaphezu kwewu-20 enza umsebenzi wokuthutha abantu, uthe ukuqonda ukuthi ukuncintisana kuphezulu kuyena nozakwabo ematekisini kwenza wacabanga ukuthi angenza kanjani ukwehluka kubona.
“Yilapho engabona khona ukuthi ukuqhulula amancoko, ikakhulu ngezikhathi zasekuseni lapho itekisi lami lisuke ligcwele khona abagibeli abaphuthuma edolobheni, kungasiza kakhulu ukuthi ngehluke kwabanye abashayeli bamatekisi. Lokho ngikwenziswa nawukuthi ngiyazi ukuthi abantu abagibela izithuthi zomphakathi banezinkinga ezahlukene ababhekene nazo empilweni, ngakho ukubancokolisa kwenza bajabule uma benami,” usho kanje.
Lo mshayeli, onezingane ezintathu, izinombolo zetekisi alishayelayo zithi: 55 902 ZN. Uthe nakuba ewuthanda kakhulu umsebenzi wakhe, nokho zikhona izinselelo eziba khona, kubalwa ukubuye kungahlangani u-R1 000 abekelwe wona wumqashi wakhe ukuwuhlanganisa njalo ngosuku.
“Kodwa-ke ngenxa yokuthi engikwenzayo ngikwenziswa wuthando nentshisekelo yokusiza umphakathi, izingqinamba ezivela endleleni azingiphazamisi kangako. Okusemqoka kimi wukuqikelela ukuthi abagibeli bami bahlale bejabule njalo ukuze bahlale befuna ukugibela itekisi engilishayelayo,” kusho uXimba.
Uthe okunye okumsiza ukuqhuba lo msebenzi, wukuthi yinto osekuyisikhathi eside ewenza njengoba aqala ukushayela amatekisi engakabi nazo ngisho izincwadi zokushayela.
“Manje sengibheke ukuqhubeka ngenze umsebenzi wami ngokwethembeka, ngize ngifike esigabeni lapho sengikwazi ukuzimela ngibe nezinto zami endimeni,” kusho uXimba.