KWENZEKE okungajwayelekile, unina wowesilisa osolwa ngecala lokudlwengula ingane esabisa unina kamgilwa phakathi emagcekeni eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, izolo.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi kusalindwe ukuthi umsolwa (24), okuthiwa uyilungu leqembu lemigulukudu iWest, avele okokuqala ngaphambi kwemantshi.
Umsolwa ubhekene necala lokudlwengula umgilwa (14) emjondolo okhona endaweni yaseNtuzuma, amyengele kuwona emsabisa ngeSonto.
“Uma nenza into nibaningi, uba nenkinga uma usuficwa usuwedwa, usubuzwa ukuthi ubuwenzani?” kumemeza unina kamsolwa efuna ukuthi amalungu e-EFF ebezokweseka umndeni womgilwa amuzwe.
Ebhekise kunina kamgilwa, uthe akusizi ukuthemba imali ngoba ekugcineni iyaphela bese kuyalinganwa.
Abahlaziye inkulumo kalona wesifazane, bathe basola ukuthi akushoyo ukusho ngoba abazali babakamgilwa bengabantu abanezwi emphakathini.
Kusize ukuvela komphenyi wecala, wamkhuza ukuthi akayeke ukusabisa abazokweseka umgilwa.
Yize kunjalo, kuthe sekuphunyiwe enkantolo, umfowabo kamsolwa waphinde wasongela unina kamgilwa, wamtshela ukuthi noma bangafunwa ngama-Etios amhlophe, abanendaba, abasabi lutho.
Kuthe sekungenelela elinye ilungu le-EFF, limtshela ukuthi afuna ukukusho kunina kamgilwa akakusho nabo bezwa, wakhetha ukuhamba, wangabe esaqhubeka.
Ngaphakathi enkantolo, imantshi ilihlehlisele u-Ephreli 8, icala ukuze umsolwa afake isicelo sebheyili, yathi uMbuso uzosebenzisa lezi zinsukwana ukuqinisekisa izinto ezifana nekheli lesibili, umsolwa angaphuma ayohlala kulo uma kwenzeka ekhishwa ngebheyili.
Okunye, wukuthi kubhekwe ukuthi awekho yini amanye amacala aseke awenza phambilini, amgweba, noma asafunelwa wona, okanye awahambayo.
Silandisa ngesigameko isihlobo sikamgilwa, sithe wehlelwe isehlo ephume kubo waya komunye umuzi osendaweni, ehambisa umyalezo othile.
“Endleleni, uhlangane nomsolwa, oqale wamthuma ukuthi ayombizela unina wengane yakhe. Athe ubashiye bexoxa, ngesikhathi eqhubeka nendlela yakhe,” kusho isihlobo.
Siqhube sathi, uthe esebuya lapho abeye khona (umgilwa) uhlangane nomsolwa, ombuze ukuthi “wena ngane kanti usela?” Ube esemjikisa indlela yakhe, emsabisa ngokumsasazela ngezinja abehamba nazo.
“Kuthiwa umqukulile, wametshatha ehlombe, waya naye emjondolo wakhe. Wafike wamfaka khona ngewindi, ethi ukhiye wakhe uwukhohlwe ndawana thizeni,” kusho isihlobo.
Sithe naye ungene ngewindi wabe esemdlwengula, wase emkhipha ngewindi futhi, maqede, bahlukana ngezindlela emgwaqweni.
Kuthiwa lufika lolu daba kunina kamgilwa, wazise uyise masinyane, otheleke nezihlobo zakhe, bathatha umgilwa, bayombheka umsolwa. Kuvela ukuthi bambhadame emi nabangani bakhe komunye wemigwaqo endaweni, bamthatha, bayomnikela emaphoyiseni.
Isihlobo sithe umsolwa ubabulale bephila njengoba umgilwa ebeyitshitshi elihlolwayo, futhi isigameko simkhahlameze kakhulu emqondweni.
Siveze ukuthi isigameko sishaye kwezwela emndenini njengoba ikhona enye ingane emndenini edlwengulwe endaweni ngo-2022, maqede umsolwa waphunyuka kalula, inkantolo ithi ubufakazi abenele.
Umdidiyeli we-EFF Youth Command kwiSub-region iNorth Central, uMnuz Mandla Ngubane, uthe okubasukumise phansi ukwanda kwesihlava sokudlwengulwa kwezingane.
“Sisukunyiswe ukuthi asifuni ukuthi leli cala liphelele emoyeni njengaleli elinye (lango-2022). Sifuna ukukhombisa umphakathi ukuthi le nto eyenzekayo asiyifuni,” kusho uNgubane.
Uthe izigameko zalolu hlobo ezenza bengabazali, bahlalele ovalweni ngokuphepha kwezingane zabo zamantombazane, wathi kuyabakhathaza ukuthola ukuthi umsolwa uyilungu leWest nokuthi udayisa izidakamizwa. Uthe lokhu kubenza bazibuze ukuthi ingabe awekho yini amanye amacala aseke wawenza phambilini?
UNgubane uthe abafuni adedelwe ngebheyili njengoba esekhombisile ukuthi akuphephile ukuba khona kwakhe emphakathini.