SIBEKWE icala lokubulala isihlobo senkosi yaKwaXimba, eMkhambathini, uMnuz Zibuse Mlaba, owadutshulwa wabulawa ngo-Okthoba 21,2021, enxanxatheleni yezitolo, iWareings ngaphandle kwehhovisi lakhe.
UMnuz Duncan Patrick Mzamo Mlaba (63) uzinikele yena emaphoyiseni ngoLwesine ekuseni, mayelana necala lokubulawa kwenkosi uZibuse. Ukuzinikela kukaMzamo emaphoyiseni kuza emva kokugonyuluka kukaFortune Dlamini (29) waseGeorgedale, eHammarsdale, omchakidile watshela inkantolo ukuthi uMzamo uyena ungqondongqondo wetulo lokusocongwa kukaZibuse.
UMbuso enkantolo izolo, uveze ukuthi amaphoyisa ophiko olubhekelele ukubulawa kwamakhosi anikele emzini kaMzamo angamfica, aphinda aya kwenye indawo nakhona afica kukhala ibhungezi, abe esethola ucingo obeluvela kummeli wakhe, uArvina Arjoon, ebeliwazisa ukuthi uMzamo usezinikelile emaphoyiseni.
Imantshi yeNkantolo yesiFunda eCamperdown ikuqinisekisile ukuthi uMzamo ubekwe icala elibucayi lokubulawa kukamzala wakhe uZibuse. Imantshi ithe uMzamo ubekwe icala lesibili lokuphazamisa ukusebenza komthetho njengoba athenga izibhamu okwasocongwa ngazo uZibuse. Ngesikhathi iqinisekisa lokhu imantshi, abomndeni wakwaMlaba ebehlezi kubonakala nje ukuthi banomunyu.
Omunye wodadewabo bakaZibuse, uNkk Nomadlozi Mlaba, ukhihle isililo waphuma enkantolo. Eqala egonyuluka phambi kwenkantolo, uDlamini udalule ukuthi babethunywe uMzamo ukuthi kubulawe umzala wakhe.
Uveze ukuthi uMzamo wabakhokhela u-R130 000 ngokwenza umsebenzi. Uveze ukuthi waqala ukujwayelana noMzamo ngo-2019, ngesikhathi eqashe indlu eseceleni komuzi wakwaMlaba. Kuleli cala uDlamini wakhalelwa ngamaSongo kaSigonyela nasolwa nabo okungoMnuz Mthobisi Tsebang Dubazana (30) waseMlaza noMnuz Nhlanhla Lungelo Hlongwa (30) waseMasukwana.
UDlamini ubekade egeqa amagula evuma icala ngomlomo wommeli wakhe, uMfuneko Jili, enkantolo yesiFunda eCamperdown. Uthe emhlanganweni owawubanjelwe emzini wesihlobo sikaMlaba, uDlamini, uHlongwa, uGwala noKhanyisani Dlamini batshelwa yilesi sihlobo ukuthi simdinga efile uZibuse, kwavunyelwana ngokuthi bazokhokhelwa u-R130 000.
''Ngabe sengiqala ngibheka izithombe zikaZibuse ku-google, nebala owomndeni waqinisekisa ukuthi uyena,'' echaza. Uthe ngesikhathi bengamtholi uZibuse, lesi sihlobo sanikeza uDlamini imali yokuba abekise indawo yokulala eMgungundlovu.
Amagumbi amabili kuthiwa abekiswa nguDlamini endaweni i-Alexis Guest House wase ekhokha u-R5 500 ngobusuku bubodwa. Ukuhlala kwabo kule ndawo kwaqhubeka njengoba babengamtholi uZibuse.
UDlamini uthe wabathumelela u-R1 500 ngo-cash send, nangosuku lwesithathu wabathumelela u-R2 000 njengoba babengamtholi uZibuse. Eqhuba, uDlamini uthe wahlangana noGwala eGateway, wamnikeza u-R120 000.
Uthe ngemuva kokuba esesocongiwe uZibuse, owomndeni waphakamisa ukuthi ufuna ukuzithenga izibhamu ezibulale umufi ngo-R10 000 sisodwa.
"Ngampela uGwala benoKhanyisani banikezwa leyo mali kwase kuthathwa izibhamu zabo,'' kuchaza uDlamini. Ngosuku lwesine lwango-Okthoba 21, 2021, uGwala watshela uDlamini ukuthi usemtholile uZibuse.
Uthe ngemuva kokuboshwa kukaGwala ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, wathola ukuthi endaweni yesigameko amaphoyisa aqoqa ubufakazi beDNA.
"Ngemuva kwalokho, owomndeni loyo wathi mangithole inkabi ezobulala uGwala,'' kusho uDlamini.
Izolo, omele uMbuso, u-Advocate Sanele Ntombela, uthe ngeke bakwazi ukuqhubeka ngoba abanalo ikheli likaMzamo.
UNomadlozi uthe kubuhlungu kuyaqaqamba ngokufa kukamfowabo.
"Kubuhlungu ngokubulawa kukabhuti wami owalala. Kunzima ukubona imindeni ezalanayo ibhekene ngeziqu zamehlo,'' usho kanjena. Isicelo sebheyili kuvunyelwane ngokuthi senziwe ngo-Ephreli 14.