USEVEZE ukuthi imphatha kabi inzondo ayithola kubantu abahlukene uSiphamandla Mthembu obewaziwa ngoSipha Lee, obengomunye wentsha ebisohlelweni iBig Brother Mzansi yalo nyaka.
USipha Lee uxolisile ngokubi akwenza kuzakwabo ababenaye endlini, u-Uyanda Hlangabezo.
Ubekhuluma kanje kuPodcast i-Engineer your Life with Lungelo KM.
Kuyona bebebheka uhambo lwakhe kule ndlu nokuthi kube njani esengaphandle.
“Ngingene endlini nginomqondo wokuthi angeke ngibe ilo muntu ojwayelekile ngaphandle. Khumbula phela umdlalo lona kukhona imali ebekiwe. Kodwa okwangiphatha kabi nje ngisafika ukuthi abanye babeqhakambisa ukuthi sisendlini ngenxa yomusa wabo, ngoba savotelwa ibona ukuthi singene. Yilapho ngabona ukuthi kumele ngiphendule ukuthi nabo basendlini ngenxa kaBig Brother. Mina ngangizimisele ngokuba umuntu ozojabulisa, kuhlekwe, kodwa ezinye izinto zangishintsha ngaba umuntu nami engingamazi,” kuchaza yena.
Uthe akayena umuntu othanda uchuku nokulwa njengoba esikoleni wakhula ehlukumezeka.
“Akukhona ukuthi ngahlangana nabanye abesilisa sakhanda iqembu ukuze sihlasele abanye. U-Uyanda ngomunye endlini owayengumuntu okwaziyo ukudlala kahle yonke imidlalo esasiyenza. Ngakho inzondo kubantu ngami yaqala ngesikhathi ngimdiliza esikhundleni sakhe sokuba umphathi wendlu kulelo sonto. Ngizimisele ukuhlala phansi no-Uyanda, ngixolise ngakho konke okubonakala ngathi kubi engakwenza kuye. Kodwa ngeke ngikwenzele umphakathi, ngiyomfonela sixoxe noma sihlangane ukuze ngixolise. Okumele abantu bakwazi ukuthi akuwona wonke umuntu ohlangana naye oyoba umngani wakhe, kodwa mina naye endlini besiba nezikhathi zokungezwani, siphinde sixolelane,” kuchaza yena.
Uthe uyambongela ngohambo lwakhe endlini, futhi uzimisele ukumcela uxolo noma ingasiphi isimo azizwa ukuthi wamhlukumeza ngaso.
Uveze ukuthi waya endlini kaBig Brother ngenhloso yokuwina imali ngoba umama wakhe wayeboleke imali komashonisa ukumthengela izimpahla ezintsha.
Uthe konke ubekwenza ngenhliziyo ukuze awine imali, ngoba ubelambele ukuthi aphume ayokhokha izikweletu azenze ngaphandle.
Ukhale mi izinyembezi exolisa nakubantu bakuleli wathi usacela bamphathe kahle uma bembona esidlangalaleni.