USIHLALO wekomiti lezoMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya uMnuz Albert Mncwango, uveze ukuthi wathela izithelo umhlangano phakathi kweSilo samaZulu, uMisuzulu kaZwelithini neNgonyama Trust Board.
Lo mhlangano owawungoFebhuwari, wawuhlose ukuthola izinselelo nokungaboni ngaso linye phakathi kweMbube, namanye amalungu ebhodi.
UMncwango uthe noma besematasa nokuhlanganisa umbiko wekomiti ngabakuthola kodwa waba yimpumelelo.
"Saya KwaZulu-Natal siyikomiti lePhalamende, ukuyozitholela ngezinkinga ezikhona phakathi kweMbube nebhodi leNgonyama. Sasingayile ukuyogxeka othile noma ukuvuna othile kodwa ukuthola ngokushuba kwesimo. Noma singeke sikuveze okuningi ngokwavela ngoba kusadingeka sixoxe noNgqongqoshe womnyango, uMnuz Mzwanele Nyhontso, mayelana nombiko. Siyazazi izinselelo nezinkinga ezikhona kanti sizohlangana nongqongqoshe maduzane," usho kanje.
Uthe bazohlangana noNyhontso kusasa bamchazele ngabakuthola kulo mhlangano.
Mayelana nezindaba ezithinta ibhodi leNgonyama, uthe ngokwazi kwakhe ibhodi lisasebenza.
"Sizohlangana nebhodi ngawo uLwesithathu, ngakho lisasebenza. Njengoba noNgqongqoshe ahlangana neSilo ngemuva kokuba sihlangane nathi siyikomiti, sifuna ukuzwa kuyena ukuthi izinto zahamba kanjani," kusho uMncwango ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ePhalamende eKapa, ngezinhlelo zekomiti.
Usho lokhu nje sishubile isimo phakathi kweMbube namanye amalungu ebhodi esawakhomba indlela.
Kwatholakala ukuthi iSilo sageja umgodi ngokuthi sixoshe amalungu ngoba asinawo amandla okwenza lokhu, amandla akuNyhontso ongungqongqoshe, ongaqoka futhi axoshe abantu.
Isilo sakhala ngokuthi amanye amalungu akulula ukusebenza nawo ngoba awasazi nokuthi siyini.
Uzwakalise ukukhathazeka ngokuhamba kancane kohlelo lokubuyiselwa umhlaba kubantu.
Ukhale ngesinqumo senkantolo esamisa ukuthi kuqhutshekwe nezicelo ezintsha zokubuyiselwa kwabantu umhlaba wabo, zingakaphothulwa ezindala.
"Sikhathazekile ngokuhamba kancane kohlelo lokubuyiselwa kwabantu umhlaba wabo. Zibalelwa ngaphezu kuka-5000 izicelo ezisasilele emuva, iningi lazo liKwaZulu-Natal, Limpopo naseMpumalanga," kusho uMncwango.
Usihlalo wekomiti lezokuThuthukiswa koMnotho kwiNdlu yoMkhandlu weziFundazwe uNksz Sonja Boshoff, uthe siyayidinga iMelika ngenxa yokuthi ubudlelwano leli lizwe elinabo nelakuleli lihlomulisa inqwaba yabasebenzi.
Uthe ngaphansi kohlelo lwezohwebo i-African Growth and Opportunity Act, elaziwa nge-AGOA, elasayinwa neMelika, lusiza ngokwakha imisebenzi eyevile ku-107 000, emikhakheni eyehlukene okubalwa eyezolimo neminye.
"Yingakho kudingeka ukuthi bulungiswe ubudlelwano phakathi kwelakuleli neMelika ukuze izinsiza ezifuze lezi zingasilahlekeli. Singabuyela emuva uma ngase bugcine ngokuphela lobu budlelwano."
Usho kanje kulandela ukuthi uMengameli waseMelika, uMnuz Donald Trump, ehoxise uxhaso lwezempilo kuleli obelusiza empini yokusabalala kweHIV kuleli.
UTrump wakwenza lokhu ngoba ekhala ngokuthi imithetho yakuleli icindezela abamhlophe ikakhulu amaBhunu, wathi ayabulawa futhi kunezinhlelo zokuwaphuca umhlaba.